Kugqame intsha kwi SITA GovTech Hackathon 2026

Uncategorized

Inkomfa yezobuxhakaxhaka nobuchwepheshe besimanjemanje (SITA GovTech2026) nezoqala ngokusemthethweni mhlazane zingamashumi amabili nanye 21 Septemba kuya zingu 23, yandulelwe isithangami esibizwa nge SITA-GovTech Hackathon2026.

I-SITA-GovTech Hackathon ilapho kuhlangana khona ochwepheshe, izinzululwazi abasunguli, abakhiqizi bezobuchwepheshe bamacompuyutha Lapha kwi Hackathon kusuke kuhlanganiswa abantu abahlukahlukene abanothando ngento efanayo ukuthi baqhamuke nesisombululo senkinga ethile ngesikhathi esilinganiselwa kumahora angama-24 kuya kwangama-72.

Kule SITA-GovTech Hackathon 2026 kugqame intsha ebizimisele futhi ibambe iqhaza ngokuzimisela futhi bekugcwele abantu besifazane. Ukuhlangana kwalonyaka kwe SITA-GovTech Hackathon 2026 bekuxhaswe abakwa Boxfusion.

Isithombe sithathwe ku Facebook State Information Technology Agency (SITA)

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry