Kuqiniswe ubudlelwane phakathi kwesizwe samaZulu namaNdiya kwi Bayede Dewali Festival

Entertainment News

Isigodlo seSilo Misuzulu kaZwelithi saseMashobeni Ophongola sibe mbenjembenje ubukhazikhazi nomculo obukhalelaphezulu kuchwaza uhlobo lomculo waseNdiya ngenkathi kugujwa umcimbi obizwa ngokuthi i-Bayede Dewali Festival nowasunguswa isilo esesakhothama Isilo Goodwill Zwelithini Zulu nowaba usingamazali kusomabhizinisi wesizwe saseNdiya Prince Ishwari Ramlutcham “Mabheka Zulu”.

Igama lika Mabheka Zulu, uPrince Ishwari walethiwa ubaba wesilo, esesakhothama Isilo uZwelithini   ngemuva kokuthi echithe isikhathi esiningi naloshomabhizinisi odabuka eNdiya kodwa okhipha isiZulu ngamakhala. Lomcimbi ubuhlelwe inhlangano ebizwa nge Sivananda World Peace Foundation. Lenhlangano isisize kakhulu ngoxhaso esizwenin samaZulu yakha izikole.

Ethula inkulumo kulomcimbi uMabheka Zulu uthe bona njengesizwe samaNdiya bayakuqonda ukuthi njengoba belapha eNingizimu Afrika bakhothama futhi bakhonza isilo Misuzulu kaZwelithini futhi usiko mpilo lwalezizizwe luthi alufane ngokuba nenhlonipho nokwazisa omunye umuntu.

Isilo Misuzulu ethula inkulumo yakhe uthe amaNdiya akazanga ukuzophumca amaZulu umhlaba eza ezosebenza futhi anezinhliziyo ezinhle waqhuba ngokuthi ayebambisene kakhulu nobaba wakhe. Eqhuba uthe abelungu yibo abafika bezokwemuka noma bezophuca ubantu umhlama nasebekwenza manje sebenzisana namambuka angabantu abanymama njengoba beyisa Ingonyama Trust ezinkantolo.

Uthe lomcimbi angeke uze uphele naye wakhuka wenziwa nje ngoba kungokwa- 11th Anniversary of Bayede Dewali Festival. Lapha ubephelezelwa oNdlunkulu abathathu okungu Ndlunkulu Kamawewe, Ndlunkulu Lamakhubo kanye noNdlunku kaMayisela nabebeshwenke beconsa njengoba umcimbi kaDewali uhambisana nezidlo nokudansa.

Isilo sibesesithinta kancane kokwenzeka ezinkundleli zokuxhumana nalpho sibonge uNkulunkulu nabaphansi ngokuboshwa kwenzizwa ebichapha isilo ngenhlamba kulezinkundla zokuxhumana sibe sesichaza ukuthi sona asithathanga zinyathelo ngalokho kodwa abaphansi basiphendulele.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *