Kuxwayiswa umphakathi ngokuhlasela kwesifo i-Mpox

News

UMnyango weZempilo kuzwelonke uxwayisa umphakathi ngokuqubuka kwesifo Mpox nesibonakale sesihlasele abantu abayi -18 ezweni lonke. Iningi labantu abasuleleke ngalesisifo abantu abahlala kwisifundazwe sase Western Cape njengoba beyi – 15 osekuqinisekisiwe ukuthi banaso. Abathathu -3 batholakale eGauteng kwathi oyedwa watholakala kwisifundazwe sa KwaZulu Natal.

Lesisifo asikhethe bala lamuntu, ubulile, omncane noma omdala. Izimpawu zaso sibala, ukukhathala, ukuphathwa ikhanda, ukubanefiva, ukumilwa ngamashashazi, noma amapanyaza ezandleni, ezinyaweni, ebusweni ngisho nasesithweni sangasese.

Lezizimpawu zivela ngezinsuku eziyishithupha kuya ezinsukwini eziyishumi nantathu. Mpox isulelana ngokusondelana nomuntu esihaqile ungishintshisana ngezingubo ukulala ngengubo eyodwa kanye nokusebenzisa ithawula elilodwa. Umphakathi uyanxuswa ukuthi uma kukhona enimsolayo noma ozosolayo ukuthi ungenelwe ilesisifo aphuthume emtholampilo.oseduze.

Isithombe:ngokomnyango wezempilo

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry