Afrika Mayibuye nohlelo lokuthi imiphakathi izikhethele yona amakhansela ngqo.

News Uncategorized

By Malcolm Hlongwane

I “Mayibuye” yethule uhlelo lwayo lokuqokwa kabazolimela kukhetho lukahulumeni wasekhaya oluzoba ngo Novemba 4 nonyaka. Loluhlelo ilwethule kwisithangami sabezindaba ebesibanjelwe kwelinye lamahhotela amakhulu eThekwini ngemlumelelo.

Ethula inkulumo uSekelamongameli weleliqembu uNomsa kaMashobane Sibisi ukubeke kwacaca ukuthi lenhlangano iza noshintsho olukhulu kwindlela ezepolitiki ezisebsnza ngayo kuleminyaka engamashumi ama 32 kwaba nokhetho lukazwelonke, kodwa izithwmbiso ezeza ne “Freedom Charter” azikafeziseki njengoba kusenezindawo abantu bengenazo izindlu zangasese nokuningi okwaba izethembiso. Inkinga iqala kohulumeni basemakhaya ngoba abantu bakhethelwa amakhansela angabenzeli lutho futhi bebebengabakhathaleli.

iMayibuye ithi yona izoseka izinhlaka zikahulumeni wasekhaya ezizofaka ubuholi bendabuko okungamakhosi, abaholi bezenkolo, izinhlangano zabantu abasha nezithuthukisa umaphakathi kube yizo ezikhetha ngqo abantu ababathembayo nabanamagalelo aziwa umphakathi ekuwuthuthukiseni.

Imigomo leliqembu elimi kuyo kakhulu: Ezolimo kanye nokuqinisekisa ukuthi ukudlala kukhona ngokwanele emphakathini nokuzoba sezongeni lezigceme. Ukuqinisekisa ukuthi udaba lwemigcele ephephile luyaqinisekiswa ukuze kuliwe nokutheleka kwabantu abavela kwamanye amazwe ngoku ngemthetho.bazoncintisana nabantu baseNingizimu Africa kuzinsiza ezishodayo. Ephendula ngobudlelwano baleliqembu ne March and March uthe Afrika Mayibuye Movement iyayiseka yonke imikhankaso yalenhlangano ukuze Ningizimu Africa incisive isibalo esibukeka seqe kakhulu senani labantu abangaphandle abalapha ngokungemthetho.

Email: malcolm@onenews.co.za