Kuvuleke amathuba emisebenzi kwabayi – 1800 eDube Trade Port

News

By Malcolm Hlongwane

Inkampani yezokuxhumana nabathengi ezinze endaweni yase Balito eThekwini i Outworx nengaphansi kwesikhondlakhondla senkampani ebizwa ngokuthi Global Business Services (GBS), ivule isakhiwo esisha sha.

Lesisakhiwo sisebhilidini elibizwa ngokuthi iZiko@Dube esisendaweni ebizwa ngokuthi iDube Trade Port nalapho kunesikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport. Lenkampani inwetshiwe emva kokuba seNingizimu Afrika, KwaZulu Natal iminyaka evile kweyishumi nantathu. Kubikwa ukuthi iqeqeshe intsha engamakhulu amathathu eyaqashwa ingenaso isipiliyoni nolwazi lomsebenzi. Lentsha yaqeqeshwa ngamakhono okukwazi ukuxhumana nabasebenzi (Customer Service) njengoba lenkampani igxele kumsebenzi wokuxhumana namakhasimende edayiselwa impahla ngezingcingo.

Ethula inkulumo kulomcimbi wokuvulwa kwesakhiwo uMfundisi Musa Zondi ongungqongqoshe Wezokuthuthukiswa koMnotho neZendalo KwaZulu Natal, uthe lesisikhungo kulindeleke ukuthi siqashe abantu abasha abayi -1800 nokuyizindaba ezinhle ezindlebeni zentsha eyakhele lesisifundazwe

email: Malcolm@onenews.co.za