Lithe azidle ekhaya ibhodi le Ithala Development Finance Corporation

News

Ngu Malcolm Hlongwane

Ngemuva kokuqokwa ngo Nhlolanja kulonyaka ka 2026, ibhodi le Ithala Development Finance Corporation (IDFC) eliholwa ngu Mnz Khayo Mpungose libe nezinhlelo langena umgwaqo lihlola izakhiwo ezingaphansi kwalesi sikhungo ukubona ukuthi zisebenza kanjani futhi zidinga kuphi ukuthuthukiswa ukuze zizuzise umphakathi ngendlela engcono.

Lolu chungechunge lohambo lwelulelwe nakwezinye izingxenye zesifundazwe KwaZulu-Natal ezifukamela amabhizinisi (business incubator programmes) kusukela enkabeni yeTheku, KwaMashu nakwezinye izindawo nalapho kubonakale ukuzuza kosomabhizinisi abaningi nabesifazane ebhizinisini lokubhakwa kwezinkwa kanye nelokukhiqiza insipho ngamakhemikhali ahlukene.

Kushintshe igiya ngesikhathi leli bhodi selidlulela ezindaweni ezinomlando omude nalesi sikhungo KwaSithebe eMandeni, Ezakheni eMnambithi kanye nase-Emadadeni Industrial Estates eNewcastle lapho IDFC inomhlaba nezakhiwo zezezimboni okungezayo uqobo. Lapha kunezimboni ezikhiqiza indwangu ekuthungwa ngazo izingubo kanti kuvele ukuthi le mikhiqizo ingenisa inzunzo enkulu futhi abantu bendawo bayahlomula kakhulu ngamathuba emisebenzi.

Kuthe sekudlule konke lokho ibhodi lathi azidle ekhaya njengoba lihambele ikomkhulu le IDFC elizinze maduze nolwandle endaweni ekuthiwa Point Waterfront ngoLwesibili.

Ngokombiko oshicilelwe ekhasini lezokuxhumana (Facebook) IDFC , ibhodi lithe babe nezingxoxo ezinzulu nabasebenzi ukuzwa ukuthi bazizwa benjani futhi banamuphi umbono ongathuthukisa ukusebenza kwe-IDFC.

Kubikwa ukuthi ekhuluma kulenkulumo ngxoxo uMnz KE Mpungose uthe abasebenzi bayinjini yayo yonke intuthuko eyenzeka ngaphakathi kwi IDFC futhi basiza ibhodi ukuthi lifinyelele emgomeni elibekelwe yona.

Email: malcolm@onenews.co.za