
Ngo Malcolm Hlongwane
Howick, KwaZulu-Natal — UMeya woMkhandlu waseMngeni, uMnz Chris Pappas, wethule umqulu wokhetho lukahulumeni wasekhaya weDemocratic Alliance (DA) endaweni yaseLidgetton, eHowick.
Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabaholi abaphezulu beDA abebeze ukuzokweseka uPappas, kanti namalungu omphakathi aphume ngobuningi.
Ethula umqulu wokhetho, uPappas uthe iDA izibophezele ekuvuleni amathuba emisebenzi abantu abangu-2 000 uma iphinde yanqoba ukhetho. Uthe lokhu kungenzeka njengoba kule minyaka emihlanu edlule umasipala ukwazile ukuvula amathuba emisebenzi abalelwa ku-2 500.
Okuthole ukwesekwa kakhulu kubantu abebekhona yisithembiso sokuthi amathuba emisebenzi ngeke agcine kubantu abasha kuphela, kodwa azotholakala nakubantu abaneminyaka engaphezu kuka-35.
UPappas uphinde wathembisa ukweseka izinkulisa ngokwandisa usizo ezilutholayo, kanye nokuhlinzeka nge-Wi-Fi yamahhala ezindaweni zasemapulazini ukuze abantu bakulezi zindawo bakwazi ukufinyelela ezinsizeni zokuxhumana nobuchwepheshe.
Uthe iDA izophinde isungule umnyango omusha wamaphoyisa kamasipala waseMngeni, okuyinto athi izodala namanye amathuba emisebenzi, ikakhulukazi entsheni ebhekene nokuntuleka kwemisebenzi.
UPappas uthe enye yezinto ezibalulekile wukukhulisa umnotho wendawo ngokunxenxa osomabhizinisi ukuthi batshale imali futhi basebenze ngaphakathi koMasipala waseMngeni.
Uthe bazophinde basebenzele ukunciphisa izindleko zikamasipala ezikhokhelwa i-Eskom, iTransnet kanye nezinye izinkampani ezizimele, ngenhloso yokwenza umasipala ukwazi ukusebenzisa izinsiza zawo ngendlela esebenza kangcono.
email: Malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
