
Ngo Malcolm Hlongwane
Iqembu iMK Party lenze isimemezelo esingalindelekile ngokukhetha uNkosikazi Zandile Hlophe Mkhwanazi njengozongenela isikhundla sokuba iMeya yoMkhandlu weTheku, eThekwini.
Lesi simemezelo size ngemuva kokuthi abezindaba belinde isikhathi esingaphezu kwamahora amabili, kulandela isimemo sokuba bazothamela ukwethulwa kwabazongenela izikhundla zobumeya emikhandlwini emikhulu.
IMK Party igcine yethule abazongenela izikhundla zobumeya emikhandlwini emikhulu eyisithupha kweyisishiyagalombili.
UNkkz Hlophe Mkhwanazi, oyilungu lesigungu esiphezulu saleli qembu, nguyena osezohola umkhankaso weMK Party wokulwela isikhundla sobumeya eThekwini.
Yize uHlophe Mkhwanazi enolwazi kwezepolitiki futhi ethenjwa ngumholi weMK Party, uMongameli Jacob Zuma, ukukhethwa kwakhe kube isimanga kwabaningi.
Lokhu kungenxa yokuthi bekunokulindeleka okukhulu emagatsheni eMK Party nasezindaweni ezahlukene eThekwini ukuthi uNkkz Zandile Gumede, osanda kujoyina leli qembu, angaba ngomunye wabazohola umjaho wokuba iMeya.
Ukukhethwa kukaHlophe Mkhwanazi manje sekubeka iMK Party emjahweni wokulwela ukulawula uMasipala weTheku njengoba amaqembu ezepolitiki elungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya.
email: Malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
