
Namuhla emini bebebade abantu abebezihambela abanye bethenga edolobheni kuphoqeleke ukuthi babaleke nezimpilo zabona ngenkathi kuqhuma izulu lezandla, inganono ngenkathi kubanjwa inkunzi kwisitolo sabokufika esibizwa ngokuthi Feni Supermarkef ngezikhathi zika 13h00 emini.
Ngenkathi ephuma kulesisitolo lamadoda aphume ephethe isijumbana nesisolakala ukuthi besinemali. Kwesinye isandla abephethe izibhamu nokubalekise kakhu abantu
Agijime angena emotweni ebikade iwalindile buhlebuduze nerobhoti kuyona lenandawo, nathe lapho engena kanti owaseNdiya ongathandanga ukuzisho igama ubethe neh kubo ebajaha lafike kulemoto washaya iwindi langase sandleni sangakumshayeli.
Kuthe ebona lamadoda ukuthi umnikazi wesitolo akapheli mandla baqhumisa isibha kwabe sekuba ngukubaleka kwawo lamadoda ngezinyawo.
Obeshayela lemoto usale phakathi nokuthe uma sekufika onoganda bathola ukuthi akade ekubikile ukuthi yena ungumshayeli ka “Bolt” akulona iqiniso..
Okushayisa amakhalana ukuthi umshayeli wale moto wale waphetha ukuvula icala. Abanikazi besitolo ballile ukuvula icala nabo nokusola kala ukuthi kungenzeka ukuthi bakuleli ngokungekho emthethweni.
Amaphaphu asephezulu kubanikazi bezitolo ngokuthi lomkhuba wokubamba inkunzi kuhlonyiwe uya ngokuya wanda edolobheni iTheku.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
