Ziveze: Somfana Cele Ward 26 & 28 eThekwini Municipality

Opinion

1. LAPHO NGIDABUKA KHONA

Amagama ami aphelele ngingu Nkosinathi Emmanuel AKA Somfana Cele. Ngidabuka eMandeni esigodini saseMatsheketsheni, ngaphansi kweNduna uMathonsi. Ngifike eThekwini cishe 23 years ago.

2. IGAMA LIKASOMFANA

Igama likaSomfana lisukela kuBaba ongizalayo osembonini yamatekisi omdala eMandeni, one of the founders bomsebenzi wemboni yamatekisi. Waduma ngokubhala izimoto zakhe zokuthutha umphakathi ngokuthi Kanjalo Somfana, abantu bagcina sebembiza ngoSomfana.

Nami kuthe sengikhula esikoleni, izingane engangifunda nazo zagcina sebengibiza ngoSomfana. Ngithe sengifika eThekwini ngabona isidingo sokwenza igama elithi Somfana libe -official my Identity and legacy to honor uBaba. Namanje emdlalweni wethu wezithuthuthu ngibizwa ngoSomfana. Ngo-2020 ngathola umfana ngametha ukuthi uSomfana Jnr.

3. EMFUNDWENI

Esikoleni ngathi ngifika ku-Grade 10 ngakhetha ama-Commerce subjects: IsiZulu, English, Economics, Business Economics, Mathematics kanye ne-Accounting.

Emva kokuphothula uMatric kwangiphoqa ukuthi ngifudukele eThekwini ukuyofuna amadlelo aluhlaza, kwazise ngase nginengane. Umsebenzi wokushayela amatekisi kwaba ukuphela kwe-option, ngoba phakathi nonyaka ngifunda uMatric uBaba wangithathela izincwadi zokushayela.

4. IZINQINAMBA ENGIZIBONILE E-WARD 26 & 28

Indawo yethu akuyona indawo ephephile ukukhulisa ingane yakho. Lendawo esihlala kuyo inezinto eziningi okungafanele zibe exposed enganeni esencane futhi esafunda isikole. Uma sibheka ukuphasa noma uku-graduate kwezingane, iningi labo liqeda selineminyaka – umfana usekhululisile noma intombazane isikhulelwe, lokho kwenza impilo yomntwana ihlehle.

Indawo yethu igcwele izindawo zobumnandi njengoba sazi ukuthi siyindawo yezokuvakasha. Kulula kakhulu ukuthola indawo yokuthenga utshwala nezinye izidakamizwa. Imithetho ayiqinile ukulawula indlela yokuphuzwa kotshwala, lokho okuphazamisa ukuphepha kwendawo. Amaphoyisa kumele asebenze izikhathi ezilinganiselwa ku-10 ukulawula lezi zindawo zobumnandi, kugcine ezinye izindawo zingagadiwe ngokohlelo lwama-patrols.

Abazali abaningi abahlala ku-Ward 26 & 28 abanayo imisebenzi eletha isithunzi. Sibona abasebenzi asebesebenze more than 10 years kuma-contract. Sinomthamo omkhulu wezingane ezifunda kuma-tertiary okuyinto egcina ifaka ingcindezi kwezokuphepha. Kanti kunomthamo okhulayo wama-shelters, lokho kuchaza ukuthi inani labantu abangenamakhaya liyanda. Lokhu kudalwa yimisebenzi engasekho endaweni yethu, nakuba indawo yethu yaziwa njenge-best tourist destination. Sekwaba yiphupho lelo ngoba sezincane izindawo zokujabula, isibonelo ama-games olwandle (Kids entertainment).

5. UMA NIVOTELA I-ANOSA

Uma umphakathi wase-Ward 26 & 28 usivotela, sizofaka ama-security azobe engaphansi komkhandlu njengomqulu wethu oseManifesto (Safety). Azosebenzisana ne-safety structures ze-Ward 26 & 28, okubalwa i-CPF, SAPS kanye ne-Metro Police.

Inhloso yokufaka abavikeli bomphakathi ukuthi amaphoyisa esiteshi sethu alekeleleke ukumelana nobugebengu. Badinga abantu abazovikela umphakathi, ikakhulukazi abaya emsebenzini ekuseni nasebusuku kanye nabavakashi endaweni yethu.

Kunezindawo ezicashile ezigcina ziyizizinda zobugebengu ngoba zimnyama futhi kuhlala abantu okugcina kunokubanjwa kwezinkunzi. Lezo ndawo zidinga abavikeli bomphakathi emgwaqeni abazovikela umphakathi uhambe ngokukhululeka.

6. IZINHLAKA ZOMPHAKATHI ENGISEBENZE KUZO

Ngisebenze kwi-non-profit organizations ezibizwa i-Umthombo Street Kids kanye ne-I Care. Yizona ezangivula amehlo ngezingane ezihlala emgwaqeni. Ngaqonda ukuthi akuzonazonke izingane ezihlala emgwaqeni ezithanda ukuba semgwaqeni, futhi izimo ezizilethe emgwaqeni azifani.

Sasenza ama-outreach ukuhlola ukuthi yini eyilethe ingane emgwaqeni. Izindaba zabo bezingezinhle kakhulu, bezithinta ukuhlukumezeka ekhaya, ukungakhuliseki kahle, kanye nokukhuliswa ngabo-step mother no-step father abanye babo ababefuna ukubahlukumeza.

Kanti futhi ngingaphansi kwe-safety structure njenge-Executive PRO ye-Community Policing Forum, ngibuyisela emphakathini ngokohlelo lwezokuphepha komphakathi.

7. UMYALEZO WAMI ENTSHENI

Abakhumbule ukuthi kunempilo okusamele bayiphile after finishing school. Abayeke ukuzibandakanya isibonelo kuma-gathering angekho emthethweni.

Abayeke ukuzifaka ezintweni abangaqinisekile ngazo in the name of being fighters, ngoba usala wedwa usuboshiwe, emva kwalokho usunayo i-criminal record.

Bancane abafundi abajoyine ipolitiki yokuzibandakanya kuma-illegal gathering abasiqedayo isikole. Wonke umuntu unalo ilungelo lokuzibandakanya kwi-politiki, kodwa ungakhohlwa ukuthi uzele ini eThekwini. Lento yokukhohliswa ngesikibha, i-alcohol nama-free tickets to the games must be a choice but not the only way to make it in life.

8. YINI EZOKWENZAKALA EZINSUKWINI EZIYISHUMI ZOKUQALA

Into yokuqala ukuqinisa ezokuphepha. Lokhu kuzonikeza umphakathi i-confidence, bese kuvula amathuba okutshalwa kwamabhizinisi endaweni yethu ukuze kuvuleke namathuba emisebenzi nozinzo.

Futhi kuzosiza nosomabhizinisi bendawo ukuthi bakhule. Kwehle izinga lobugebengu, umnotho wendawo ukhule, iziteshi zethu zibe sesimweni esigculisayo. Ngethemba sikwazi ukubuyisela isiteshi sethu i-Point SAPS ku-Brigadier.

—

Loyal to the People. Committed to the Nation.

#Ward26VoteANOSA #Ward28VoteANOSA

What do you feel about this post?

0%
like

Like

50%
love

Love

50%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry