
By Motshwari Mofokeng
KZN – Isikhulu seRoad Traffic Inspectorate (RTI), uTimothy Simpson, ushone kabuhlungu ngemuva kokusha kwemoto kahulumeni abehamba ngayo ku-N2 ePark Rynie ngoLwesibili ebusuku, ngezithuba zabo-20:00.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, uzwakalise amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubasebenzi asebesebenze noSimpson.
UDuma uchaze uSimpson njengesikhulu esiziphethe kahle, esisebenza ngokuzikhandla nesikhombise ukuzinikela ekusebenzeni isifundazwe.
Iqembu elikhethekile le-SAPS kanye nabaphenyi be-RTI sebebelwe umsebenzi wokuthola imbangela yomlilo obulale uSimpson. Kuhlolwa ubufakazi bezobunhloli kanye nobemishini ukuze kutholakale ukuthi yini edale ukuthi imoto ibambe umlilo.
Izikhulu zomnyango sezivakashele nomndeni kaSimpson ukuyodlulisa amazwi enduduzo. Abaphathi abaphezulu bomnyango kulindeleke ukuthi bahlangane nozakwabo kanye nomndeni wakhe.
USimpson ubengumhloli we-RTI osezingeni lesifundazwe, owake wahlomula ngemiklomelo futhi wahlonishwa kakhulu ngomsebenzi wakhe.
Email: motshwari@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
