
Ngemuva kokuba uMongameli Cyril Ramaphosa ethule inkulumo esizweni nalapho azibophezela ukulwisana nokwanda kodlame lwezobulili eNingizimu Afrika. Ungqongqoshe wewezimali uMnz Enok Gondongwane usenze inkulumo yaMengamile yaba namasondo yahamba futhi izoba nezixazululo ezibambekayo.
Lokhu kudaluke ngenkathi uMnz Godongwane ethula isabelo zimali izolo nalapho ebeke khon imali engangezigidigidi ezingu R3.8 billions nathe lemali iyisabelo sokulwisana nodlame lwezobulili (Gender Based Violence. Lemali izosetshenziswa ekuqasheni osonhlalakahle abayizinkulungwane (3 552) nabazosatshaleliswa kumapholisteshi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuze kuliwe nalesisihlava se GBV.
Lemali izophinde isebenze ukukwandisa izindawo lapho abahlukumezekile noma abagilwa ngokuthi bathole usizo endaweni ehlelekile nephephile. Lezizi ndawo zibizwa ngokuthi ama Thuthuzela Centre. Okwamanje ezikhona zibalelwa kwishumi nanhlanu (55) kodwa ngokufakwa kwalemali sezizoba yekhulu namashumi amahlanu nesikhombisa (157).
Lokhu kwanda kwezikhungo kushayelewe ihlombe abezihlangano ezibhekela abagilwa nezifundisa ngokulingane kwezobulili okuyi Gender Equity. Lesisabelo mali sixazulula izinkinga eziningi njengoba kuzokhumbulek ukuthi eminyakeni engemingaki sibone osonhlalakahle bengena emgwaqeni bekhala ngokungaqashwa.
Loluhlelo olukhulu kangaka luzoba isixazululo futhi ekwehliseni isibalo sabantu abasha abangasebenzi eNingizimu Africa.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
