
Ngo Malcolm Hlongwane
Ibhodi le-Ithala Development Finance Corporation (IDFC) liqhubekile nokuhlola izakhiwo zalo eThekwini, ngenhloso yokuzibonela mathupha izinselelo ezikhona nokuthola izindlela zokuzilungisa.
Lolu hambo, oluholwa nguSihlalo webhodi uMnz Khayo Mpungose, luqale eSpringfield Park eFlamingo Light Industrial Park, okuyindawo ephethwe yi-IDFC futhi eqashiselwe amabhizinisi.
Le ndawo yakhiwa ngo-1997 futhi, nakuba yathinteka ezibhicongweni zikaJulayi 2021, isaqhubeka nokuba yikhaya lamabhizinisi amaningi aqasha izindawo zokusebenza futhi akhokhela i-IDFC.
Elinye lamabhizinisi elidonse amehlo ebhodini yi-Argentum Bespoke Motorworks, elasungulwa usomabhizinisi osemusha uMnz Mathew Nzimande. Leli bhizinisi lisebenza ngezimoto ezisezingeni eliphezulu, okubalwa kuzo iMercedes-Benz neBMW.
UNzimande uthe i-IDFC yamnikeza ithuba lokusebenzisa indawo izinyanga ezintathu mahhala ngesikhathi eqala ibhizinisi, okwamvumela ukuthi onge imali ayisebenzisela ezinye izidingo zebhizinisi.
Ibhodi liphinde lavakashela eKwaMashu, okubalwa kuyo iKwaMashu Centre, eyacekelwa phansi ngesikhathi sezinxushunxushu zika-2021 futhi manje esakhiwa kabusha. Lo msebenzi kulindeleke ukuthi uphele ngo-Ephreli 2027.
Ezinye izindawo ezivakashelwe yibhodi kubalwa iKwaMashu SMME, Umlazi W, Umlazi V SMME kanye nesakhiwo esiseCanaan, Umlazi, esiqashwe yisikole esizimele. Lesi sakhiwo sasike saba yikomkhulu le-IDFC ngaphambi kokuthuthela emahhovisi amasha ePoint Waterfront.

Ngesikhathi liseMlazi, ibhodi libone izinselelo ezahlukene, okubalwa kuzo ezokuphepha, ukunganakekelwa kahle kwezinye izakhiwo kanye nezikhalo zabasebenzi abathi abakaholi.
Mayelana nabasebenzi abangaholanga, kuvele ukuthi baqashwe yinkampani ebinenkontileka yokuhlanza izakhiwo ze-IDFC. Abasebenzi bathi batshelwa ngomhlaka-24 Agasti 2026 ukuthi inkontileka phakathi kwe-IDFC neMazweni Trading isiphelile, nokwaholela ekutheni bangaholi isikhathi esingangenyanga.
Ephendula ngalezi zinsolo, uMpungose uthe ibhodi belingakaze libe nolwazi ngalezi zikhalo, kodwa manje njengoba selizizwile, lizophenya ngodaba futhi lifune izixazululo.
Uthe lolu hambo lube yimpumelelo ngoba ibhodi likwazile ukubona mathupha izinselelo ezibhekene nezakhiwo ze-IDFC.“Sizohlala phansi sibheke lezi zinselelo bese siqhamuka nezisombululo,” kusho uMpungose.
Mayelana nesikhathi sokuphothulwa kokulungiswa kwezakhiwo, uMpungose uthe ibhodi alihlelile ukuqeda isikhathi salo seminyaka emithathu lingakazixazululi lezi zinkinga.
Lolu hambo lukhombisa ukuzimisela kwebhodi ukubhekana ngqo nezinkinga ezikhona, ikakhulukazi ezithinta ukuphepha, ukunakekelwa kwezakhiwo, amabhizinisi aqashile kanye nabasebenzi.
email: Malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
