
Ngo Malcolm Hlongwane
Kusukela kwavela COVID-19, izinhlelo ezibhekene nokulwisana ne HIV/AIDS zaba nokudaxazwa kude lena nezimali eziningi zafakwa kwi COVID -19 nokwaba nomthelela omubi kakhulu, ingenkathi uMongameli waseMelika uMnz Donald Trump ememezela ukunqanyulwa kwezimali zoxhaso eziqondene ne PEPFAR emazwe amaningi omhlaba nalapha eNingizimu Africa.
Inhlangano engenzi inzuzo iThe South African Positive Women Ambassadors (SAPWA)eholwa nguGogo Silungile Mtambo ayezange iphele noma igqindeke amandla ngalokhu, kodwa yaqhubeka nokusiza abantu abaphila nesandulela ngculaza kanye nengculaza uqobo.
Kuthe mhlazane zingamashumi amabili nanye kuyo lenyanga lenhlangano ibambisene noMasipala weTheku yaba nomcimbi wokuqala ngqa wokukomelisa abesifazane obizwa nge “1st Annual Positive Women & Girls Awards” nobubanjelwe enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida.Inhloso yalomcimbi bekunguku bonga iqhaza kubantu besifazane abadlale indima enkulu ekulwisaneni nesandulela ngculaza nesifo sengculaza uqobo kanye kukuhlukunyezwa kwabantu ngobulile (GBV)ngisho nesifo somhlaza (Cancer).

Abanye abahlonishwe kulomcimbi obuhanjelwe izethameli ebezisuka nakwezinye izifundazwe ekubalwa iMpumalanga, North West, Gauteng, Northern Cape; ilabo asebeneminyaka eyevile kumashimi amathathu bephila nalesisifo futhi belwisana naso.
Ephawula kulomcimbi umsunguli walenhlangano uGogo Silungile Mtambo uthe “Kwake kwabakhona isikhathi lapho umuntu ophila nesandulela ngculaza nengculaza uqobo wabe ebandlululwa abantu neminde ungafisi ngisho ukusebenzisa isitsha esifanayo naloyo muntu”.
Umyalezo omkhulu odluliswe kulomcimbi ungowokuthi intsha ingabi namahloni ngezifo kodwa bazamukele bese bephila impilo njengo kwemiyalelo yodokutela. Omunye wabahlomule ngendondo kulomcimbi ngu Nksz Sindi “Qhikiza Ngubane ongumsunguli we Qhikiza Lifestyle.
email: Malcolm@onenews.co.za
