Bakhale kumphathiswa Nksz Mbali Shinga abasoPhongolo

News

Ngo Malcolm Hlongwane

Ngenkathi umphathiswa wezokuThuthukiswa komaphakathi KwaZulu Natali Nksz Mbali Shinga ehambele umphakathi wasoPhongolo ngaphansi komkhandlu omkhulu iZululand nabeyothula khona intuthuko edidiyelwe futhi edlulisa nezipho zamaphasela okudla kuhlangene namavawucha okuthiba indlala, uhlangane nezinye izikhalo zomphakathi.

UNksz Zandile Dube oyilunga lomphakathi eselahlomula nokho kumnyango wakhe umphathiswa, wethule izikhalo eziningi eziqhamuka emphakathini. Isikhalo esibe phambili kube esokuthi kuthuthukiswe ingqalasizinda yombhoshongo wezokuxhumana ngobuchwepheshe banaselula namakhompuyutha.

Lokhu bakudingela ukuze bona njengomphakathi ikakhulukazi intsha bakwazi ukufinyelela kulwazi lwemisebenzi namathuba avulwe nguhulumeni njengoba konke lokhu sekushicilelwa ngobuchakaxhaka beza manje. Isibonelo asibekile ukuthi uma ilunga lomphakathi lifisa ukwenza umazisi kumele libhukhe usuku ngomakhalekhukhwini.

Lapha umphathiswa ubehambisana Mnz BJ Thwala oyimeya yokhandlu uPhongolo kanye noMnz Sibobelo Mchunu obephuma kwikhungo sekuthuthukisa futhi sixhasa osomabhizinisi abancane esibizwa ngokuthi “SEDFA” nochazele umphakathi ngamathuba akhona kulesisikhungo.

Ethula inkulumo yosuku nebibhekiswe keabesifazane njengoba lenyanga ephezulu kungeyabantu besifazane, umphathiswa Shinga uthe, uhambo lwabo lasoPhongolo akubanga into yanamuhla nje, kodwa babenochungechunge lwezithangami nesinguyazane lapho bebelalela khona izikhalo nezidingo zabantu besifazane nabalethe izimpendulo kuzo namuhla futhi, sebenohlelo oludidiyela iminyango kahulumeni abazo sebenza ngalo kusuka manje, ukuze kuzuze imiphakathi yasezindaweni zasemakhaya njenga lena yasoPhongolo. Lokhu kufaka ukuqeqeshwa kwezamabhizinisi ukuqeqeshwa kwezokuphathwa kwezimali kanye nokuthola izimakethe zokuthengisa imikhiqizo yabantu besifazane abayakhiqiza kakhulu kwezolimo kanye nokuthunga kulendawo.

Lomcimbi ubuhlelwengokuhlanganyela nemkhimandlu yobukhosi bakwaMsibi nobukhosi bakwa Sibiya nebebumelwe ngondlunkulu bayo yomibili okungo Ndlunkulu MaMdletshe kanye no Ndlunkulu MaDlamini.

Ephendula kwinkulumo kaNksz Dube umphathiswa Mbali Shinga uthe bona njengomnyango basebenzisana nayo yonke iminyango kahulumeni ngakhoke bazozidlulisa izikhalo zomphakathi kuleyo minyango eqondene nezikhalo ekungezona zomnyango wakhe.

email: Malcolm@onenews.co.za