Yezi Kumnyama KwiNFP, Kepha Intokozo Emndenini WakwaDlangamandla

News

NGO Malcolm Hlongwane


UPHONGOLO – Ngesikhathi amafu amnyama eqhubeka nokusibekela iNational Freedom Party (NFP) kulandela ukwesula kwamalungu amaningi, kube khona ukukhanya nethemba emndenini wakwaDlangamandla ePhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal.


Ngemuva kokuhambisa izinsiza ngaphansi kohlelo lukahulumeni, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga, ukhumule isigqoko sikahulumeni wagqoka esombusazwe ngesikhathi iqembu lakhe, iNFP, linikeza umndeni wakwaDlangamandla ikhaya elisha.


Ngeshwa, uGogo Dlangamandla, okwakhelwa yena lo muzi, akasaphilanga ukuze azibonele iphupho lakhe lifezeka njengoba eshone umuzi usakhiwa. Kodwa umndeni wakhe uthole induduzo ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni le ndlu izolo, mhla zingama-22 kuNcwaba 2026.


Ikhaya belihambisana nefenisha kanye nezinye izidingo ezibalulekile, okwenze kwaba yindawo efudumele lapho umndeni ungaqala khona ikhasi elisha.


Ngemuva kwalolu hlelo, uShinga udlulele emkhankasweni wokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zine kuLwezi nonyaka.

Endaweni eseduze nomuzi wakwaDlangamandla, abalandeli abaningi beNFP babonakale betheleka, becula futhi behuba iziqubulo zokuncoma umsunguli waleli qembu, uMama Zanele Magwaza-Msibi.


Ingoma ethi “Zanele akalalanga, uguqe ngamadolo” izwakale igcwele umoya wokuzimisela nokuvuselela ithemba kubalandeli beqembu.


Kodwa lokhu kwenzeka ngesikhathi iNFP ibhekene nesikhathi esinzima, kulandela ukwesula kwamalungu okubikwa ukuthi abalelwa emakhulwini amabili, okubalwa kuwo nowayenguSihlalo kazwelonke weqembu, uMnuz Sibusiso Mkhabela, ophinde abe yiMeya yoMkhandlu waseDumbe, kanye nowayenguNobhala Jikelele, uTeddy Thwala.


Lokhu kushiya imibuzo eminingi ngozinzo lweNFP njengoba kusondela ukhetho olubalulekile. Nokho, emndenini wakwaDlangamandla, usuku lwayizolo lwalungelona elombango wezepolitiki – kodwa kwakuwusuku lapho iphupho lokuba nekhaya ekugcineni lifezeke khona, yize lowo owayelilindele kakhulu engasekho ukuze alibone.

email: Malcolm@onenews.co.za