Ngo Malcolm Hlongwane
ETHEKWINI – Iqembu leDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal libhekene nesikhathi sosizi kulandela ukushona kwe-PR Councillor yalo eThekwini, uWelekazi Sibiya.
Ukushona kukaSibiya kuza ngesikhathi amaqembu ezepolitiki ematasatasa ezungeza imizi nemiphakathi, enxenxa abavoti ukuba bawaseke njengoba kulindeleke ukhetho lohulumeni basekhaya ngoNovemba.
Ngokusho kweDA KwaZulu-Natal, ngomlomo womholi wayo esifundazweni uSithembiso Ngema, uSibiya udlule emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi esifushane.
Ukudlula kwakhe emhlabeni kushiye iqembu, ozakwabo eMkhandlwini waseThekwini kanye nalabo abebesebenza naye bedabukile.
I-DA idlulise amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubo bonke abathintwe ukushona kukaSibiya, ngesikhathi iqembu liqhubeka nokulungiselela umkhankaso walo wokhetho.
email : Malcolm@onenews.co.za
#RIPWelekaziSibiya #DA #eThekwini #KZNPolitics #LocalGovernmentElections #NovemberElections
