Idolobha iTheku selinenkampani yalo ngqo kamasipala ezokwakha ilungise izindlu

News

Njengoba iTheku libhekene nenselelo yamabhilidi noma izakhiwo eziwohlokayo futhi, linenkinga yezindawo zokwakhela ubantu izindlu selinqume ukubhalisa inkampani kamaspala nqqo ezokwenza umsebenzi wokwakha nokulungusa izakhiwo maphakathi nedolobha.

Ekhuluma kwisithangami sabezindaba uMnz Cyril Xaba oyiMeya yeTheku, uthe bathathe isinqumo sokuthi basungule inkampani yomkhandlu ebizwa ngokuthi Inner City Development Company ezosebenzisa ulwazi olunzulu labasebenzi bakahulumeni ukulungisa amabhilidi noma izakhiwo edolobheni.

Uqhube wathi ukungabi khona komhlaba owanele wokwakha bengumkhandlu sebehlele ukuthi bazokwakha izitezi ezifana nalezo zase Cornubia kanye naseMapheleni KwaDabeka Clermont. Loluhlelo lwezitezi lubizwa ngokuthi “Vertical Densification Model” . Lezizakhiwe zibekelwe imali eyizigidi eziyishumi (R10 million) kunyakamali ka 2027/2028. Ezase Cornubia okuyihlanga lesibili zona zibekelwe imali engangezigidi ezingamashumi amahlanu (R58 Million)

What do you feel about this post?

0%
like

Like

100%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry