Umunyu bethula izikhalo zabo eThekwini

News

Inhlangano engenzinzuzo i-Democracy Development Program (DDP) ibambe isithangami sokuxoxisana phakathi kwabantu abahlala emgwaqeni kanye namaqembu ezepoliti angenele ukhetho lohulumeni basekhaya. Lenguyazane ibibanjelwe emahhovisi enhlangano engenzinzuzo ebizwa nge Denis Hurley Centre esenkabeni yedoobha iTheku. Izinhlangano ezamukele isimemo kube i-ANC, DA, EFF kanye ne MKP kulezo ebezimenyiwe.

Inhlangano ebizwa nge Homeless People Network ibe isithula izicelo zayo kulabo sopolitiki ebezibhalwe phansi. Loluhlelo kube sekwendulelwa ithuba elivulelwe abebehambele lesithangami okungabantu abahlala emgwaqeni.

Iningi labo likhale ngesakhiwo.esibizwa ngokuthi i-Sakhithemba nesakhiwa uhulumeni endaweni yase Verulam nalapho baqoqelwa khona ukuze bahlale bathole amakhono kanye nokuba sendaweni ephephile kunokuhlala emgwaqeni yeTheku.

Bathe.lendawo ikude kakhulu nedolobha okuyindawo abakwazi ukuzozamela impilo. Ezinye izikhalo ababe nazo ilezi:

  1. ukushaywa ngamaphoyisa kamasipala weTheku uma bezilalele emigaqweni nokushiselwa izimpahla zabo.
  2. ukungavumeleki ukusebenzisa ama thoyilethi emarank kodwa kube kungamathoyilethi omphakathi.
  3. Ukungahlonishwa lapho befuna imisebenzi njengoba abaqashi beyaye babuke njengabantu abangasile emakhanda

Ephendula kokunye kwalokhj uMnz Thabani Nyawose obemele iqembu le ANC futhi obuye abe nguSomlomo weTheku uthe ubengenalo ulwazi ngalezizikhalo. Wabe eseqala ngokuxolisa kubantu abahla emgwaqeni waphinde waxolisela namaphoyisa omkhandlu weTheku ngokuthini abashaye bengenzanga lutho.

Ube esechaza ukuthi akekho umuntu onelungelo lokushaya omunye engenzanga lutho futhi amaphoyisa omgaqo kumele abapho abantu abahlala emgwaqeni uma kukhona okungalungile abakwenzile bababophe, hhayi ukuthi babashaye.

Odabeni lokuthi abanye bathola.uqeqesho kwezokakha kodwa loluhlelo walumele .luthathe izinyanga eziyisithupha kodwa lwaba ngaphezulu konyanga futhi bangakwazi ukuqeda uhlolo.khona.

UMnz Thabani Nyawose uthe uzolulandelela loludaba futhi uzoqinisekisa ukukhuluma nozakwabho emkhandlwini ukuthi bahloniphe abantu abahlala emgwaqeni ngoba nabo bangabantu.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry