
Kube ithuba lokushintshisana ngolwazi lwezobuxhakaxhaka bokuxhumana ngobuchwepheshe besimanjemanje ngenkathi kuhlangene izingcitha buchopho bezamakhompuyutha kwingqngquthela yeSITA GovTech 2026, ebanjelwe kwisikhungo sezingqngquthela i-Durban International Convention Centre.
Lengqungquthela ivulwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezokuxhumana nobuchwepheshe besimanje uMnz Solly Malatsi ebambisene noNgqongqoshe weZomnotho, Ezokuvakasha, neZemvelo KwaZulu Natali uMfundisi Musa Zondo; iMeya yeTheku uMnz Cyril Xaba; umqondisi jikelele kumnyango weZokuxhumana Nokqubela Jordan-Dyani; uSolwazi Sella Bvuma usihlalo webhodi le-SITA kanye nomqondisi owengamele uMnz Magatho Melbo.
Lengqungquthela ikhombise ukubalulela kokubambisana nokusebenzisana kuhulumeni wasekhaya, uhulumeni wesifundazwe, uhulumeli ezingeni likazwelonke kanye nabobonke labo abayingxenye yezokuxhumana ngobuchwepheshe bobuxhakaxhaka besimanje.
Njengoba behlangene nje kubhekwa ukuthi ezokuxhumana zingasetshenziswa kanjani ukwenza kube lula ukuletha izinsiza sidingo kubantu base Ningizimu Afrika. Koya lendawo kunombukiso wezinkampani ezinkulu kanye nosomabhizinisi abancane abakuwona lomkhakha wezokuxhumana ngobuxhakaxhaka besimanje nezobuchwepheshe bamakhompuyutha.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
