Sekulindwe uMongameli Ramaphosa ukuthi abize “Family Meeting”

News

Ukuhoxiswa kwamacala abhekene no- General Fani Masemola amayelana nokuphatha kabi izimali nayekade ayeshayisa amakhala. Lokhu kwenzeka ngoba abantu abaningi babethi uboshelwe amanqina enyathi ngabathile kwi IDAC.

Namuhla kulindeleke ukuba inkantolo iwasule amacala ngokusemthethweni. Kuzobe sekulindeleka ukuthi uMenganeli Cyril Ramaphosa naye enze okufanayo njengoba abiza umhlangano obizwa nge “Family Meeting” ngenkathi emumisa emsebenzini okwesikhashana, kumele aphinde amemezele ukumbuyisela emsebenzini.Yena u-General Fani Masemula kulindeleke ukuba avulele u- Advocate Andrea Johnson amacala okumdicelela phansi isithunzi.

Loyo okhulumela inhlangano yamaphoyisa i-South African Policing Union (SAPU), uMnz Lesiba Thobakgale, uthe lokhu kuzosiza ukuthi nalabo bezobunhloli bayeke ukudla umacashela baqinise ekulweni nobugebengu obubhekiswe kubantu besifazane ikakhulu.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry