
Kuvaleke imigwaqo, yagcwala yachichima undawo yokubambela imihlangano eThekwini, nokuze kwaphoqa ukuthi abanye osomabhizinisi bavalelwe ngaphandle. Osomabhizini baseThekwini namaphethelo bebehambele ukuthola ulwazi nalapho bebefundiswa ngezinguquko.ezenziwe kuhlelo loubhalisa osomabhisinisi abahweba nohulumeni alubizwa ngo CSD.
Lokhukucijwa ngolwazi beku banjelwe endaweni ebizwa nge Olive Convention Centre, maphakathi nedolobha iTheku.
Lapha bekulindeleke uNgqongqoshe wakwa Public Works and Infrastructure uMnz Francios Rodgers nongaphumelelanga ngenxa yokubambezeleka emgwaqeni ngemva kwengozi eyenzekile kwaba nenhlaba luhide yeezimoto.
Evula lomhlangano uNkkz Carol Koetzie nongumqondisi kuloMnyango uthe lezinguquko zenzelwe ukuze kulwisane nobugebengu obuhleliwe kanye nokulahleka kwamaphepha osomabhizinisiemahhovisi alomnyango.
U-Nksz Nokuthula Khuzwayo ube esethatha osomobhizinisi ebachazela isigaba ngesigaba sokubhalisa kwi Database yakwa Central Supplier Database(CSD).
Ucacise kakhulu ukuthi iminyango kahulumeni isizoveza ukuthenga kwayo imisebenzi kosomabhizinisi “online” nalapho bezocela khona osomabhizini bafake isicelo zokuhweba nohulumeni “Request For Quotations (RFQs)”
Ube esebeka ukuthi njalo ngemiSombuluko kubakhona uqeqesho ngalolu guqulo abakhuluma ngalo.
Loluqeqesho luba “online”. U-Mnz Mandla Nkonyeni ongomunye wezikhulu kuMnyango kaMngcinimafa KwaZulu-Natal, uxolisile ngokugcwala waqinisekisa osomabhizinisi abebe valelwe ngaphandle ukuthi olunye uqeqesho luzoba khona maduze.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
