Abezithuthuthu BRAVE BIKERS ixwayise nge GBV e South Beach ku “Ward” 26

News

Njengoba izwe lase Ningizimu Afrika libhekene nenzukazikeyi yodlame lwezobilili oseliholele ekutheni kutholakale abesifazane ababalelwa kwabayishishiyagalolunye bebulewe nekutholakale izidumbu zabo zilahlwe esigangeni endaweni yaseGoli. Inhlangano yabagibeli bezithuthuthu i-Brave Bikers eThekwini ibe nohlabaluhidele emigaqweni yaseThekwini isikakhulukazi endaweni eyakhele iPhoyinti kuWard 26 lapho ibixwayisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye ne Gender Based Violence iyonkana.

Lenhlaba luhide ibihambisana nokukhanyiswa kwamakhandlela ukukhumbula labo abangasekho nalabo ababe izisulu ze Gender Based Violense okungukuhlukunyezwa ngokobulili. Lokhu kwenxwayisa bekuhlelwe futhi kuholwa ngu Mnz Somfana Cele ongenele umgqigqo wokuba ikhansela kumaWard amabili okungu Ward 26 kanye no Ward 28 ngaphansi kwenhlangano yezombusazwe i All Natives Of South Africa (ANOSA). Ekhuluma nabezindaba uthe “Uma uhlukumeza abantu besifazane izingane ogogo awusiye umngani wabo nenhlangano yabo yezezithuthuthu i-BRAVE BIKERS.

What do you feel about this post?

50%
like

Like

50%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry