Isukuma ngamandla i-Ntuzuma Mall

News

By Malcolm Hlongwane

Isithabathaba senxanxathela yezitolo esakhiwa endaweni yase Ntuzuma kuwadi 42 sisukuma ngesivinini esikhulu. Lesisakhiwo singumsebenzi ekutshalwe kuwo imali umasipala weTheku ubambisene nezikhondla khondla zezitolo okungo Shoprite kanye noBoxer Store. Imali etshalwe lapha ibalelwa kwizigidi ezingama- R200.

Lenxanxathela yezitolo ihambisana nentuthuko ezodla izigidi ezingama- R32 zokuthuthukiswa kwendawo ebizwa ngokuthi Nozaza ICT Hub ezobe ibhekelene nezobuxhakaxhaka besimanje bezama khompuyutha kanye nobuhlakani bokuzakhela “Artificial Intellegence.

U-Mnz Nkululeko Mkhize ongu (Deputy Director for Programme) uthe lendawo ingu “18000 square meteres” futhi ivule amathuba amaningi omsebenzi njengoba kuqashwe abakhi abanamakhono ahlukahlukene.

Lenxanxathela yezitolo kulindeleke ukuthi iphothulwe ngonyaka ka 2027 nalapho kuzovuleka amanye amathuba amaningi omsebenzi kubantu abazoqashwa izitolo ezizobe zikhona kulendawo.

email: Malcolm@onenews.co.za

What do you feel about this post?

100%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry