
By Malcolm Hlongwane
Ilembe Mtelebhelo Horse Association ngokubambisana ne Ilembe District Municipality yethule uMtelebhelo wahhashi ozoba mhlazane ziyi-16 August 2026 ozobanjelwa entabeni iKhanana eNdwedwe.
Kulomjaho osuzoba minyaka yonke kulindeleke ukuthi osomabhizinisi abakhele lendawo bahlomule kakhulu ngokudayisa ukudla njengoba zingekho izitolo entabeni.
Lomjaho wamahhashi uzobe unezigaba eziyisihlanu nalapho abaphumelele bezothola izindondo kanye nemali. Enaba kabanzi ngalomjaho uNobhala we Ilembe Mtelebhelo Horse Association uNksz Thandeka Khuzwayo uthe lomjaho bafuna ube sezingeni lemijaho efana nalowo obizwa nge Dundee July, kodwa abakubheke kakhulu ukuthuthukiswa komnotho wakulendawo nokuthuthukiswa komtelebhelo njengoba lendawo isezabelweni futhi ingamakhaya kakhulu.
Enanela ngokuthuthuka kwezomnotho okuzodalwa ilomjaho uKhansela Nzuzo Chamane uthe bona njengomkhandlu bazotshala izimali zokuqinisekisa ukuthi izinga liyanyula kakhulu njengoba ezikuthutha ezikaqeda isizungu, ukudla nokunye okuzobe kwenziwa kuzobe kuyela ezingeni leDurban July
UMnz Zwelibanzi Cele noyimeneja ye Youth Art Culture and Sport kulomkhandlu unxenxe abantu abakhulele kulendawo yaseNdwedwe asebahamba ukuthi ababuye bazoxhasa lomjaho babambe neqhaza kwezomnotho. Ubuye wathi osomabhizinisi abathenge amahhashi ukuze kuthi labo abaphumelelayo baqhubeke bayomela lomkhundlu kweminye imijaho ebanjelwa kwezinye izindawo besebenzisa amahhashi abo uqobo.

Enaba kabanzi ngalomjaho uNobhala we Ilembe Mtelebhelo Horse Association uNksz Thandeka Khuzwayo
Enaba kabanzi ngalomjaho uNobhala we Ilembe Mtelebhelo Horse Association uNksz Thandeka Khuzwayo.
Umphakathi uzothola ithuba lokuzijabulisa nge dili lomculo kanti futhi uzobe uhlinzekwe ngezimoto zamahhala ezizowususa ebhulohweni i-Ntsuze ziyephezulu entabeni ngenxa yokuthi kuyibanga ukuya entabeni. Amalunga omphakathi abalelwa emakhulwini amathathu (300) azofika kuqala ngehora lesikhombisa azokonyeliswa ngezikibha kanye nokuthola ukuhlala endaweni enemipheme.
Lombungazo wekwethula lomajaho ubuhanjelwe ngisho abanikazi bamahhashi azobe egijima ngalolusuku nabathembise ukuthi izinjomane zabo seziqeqesheke ngokwanele ukungenela lomjaho.
email: Malcolm@onenews.co.za
