
By Malcolm Hlongwane
Umculi ozenzele idumela ngokuziphumela phambili kumculo wokholo, ngokukonyeliswa ngezindondo u Brenda Mtambo uthi azibuyele emasisweni ngokuqopha bukhoma icwecwe lakhe elithi Amahubo ka Gogo ngaphansi kwesitebele iBusa Music.
Lomcimbi wokuqopha ozokuba sePlayhouse eThekwini mhlazane ziyi 15 Agasti 2026, uza ngesikhathi iNingizimu Afrika ibungaza inyanga yabantu besifazane abamashela umthetho wamapasi iningi labo asebengo Gogo manje.
Kuzokhumbuleka ukuthi abantu besifazane bangalezozikhathi nabamanje bagxile kakhulu enkolweno nasemkhulekweni.
Lokhukuqoshwa kwecwecwe elithi Amahubo ka Gogo luzobe lugqamisa imvelaphi yomculo onesigqi somculo wokholo, uphinde futhi ukhombise ukuqina ekukholweni kwalabo abazala isizwe okungoGogo.
Kuzobe kungaqali eThekwini ukuqoshwa njengoba ngenyanga efile kaNtulikazi ingxenye yalo ibikade iqoshwa eGoli.
email: Malcolm@onenews.co.za
