
By Malcolm Hlongwane
Njengoba izwe laseNinguzimu Afrika lichitha isabelomali esikhulu kumkhakha wezokwakha eliqonde ngawo ukuqinisekisa ukulungiswa kwengqalasizinda.
Umphakathi wasezindaweni eziningi ubonakala usala ngaphandle ngenxa yokungabi nawo amakhono ezokwakha.
Izikhalo eziningi zokingawatholi amathuba omsebenzi ziyaye ziqhamuke kubantu basezindaweni ekulethwa kuzo imisebenzi kodwa kulethwe abantu abanama khono abaqhamuka kwezinye izindawo.
Lokhu kuyaye kudale ukumiswa kwamaprojethi okuthuthukisa imiphakathi.
Umphakathi wase Mpumalanga Township ngaphansi kwe Hammarsdale uthole ithuba eliyingqayizivele ngenkathi isikhungo esiqeqesha ngamakhono esizimele okuyi IsisekeloTraining Solution yethula uhlelo lokuwuqeqesha mahhala kuzofundo ze Supervisor of Construction Contrating Learning Programme noluzobacija bakwa ukuqashwa kwizinga eliphezulu bangagcini ngokuba ama “General Worker”.
Labo abazongena kulolihlelo bamukelwe babuye bahalaliselwa uKhansela Majola wakuWard 6.
email: Malcolm@onenews.co.za
