I-DA ithi kuphangwa udaka linile yini?

Uncategorized

I-Democratic Alliance ikhathazekile ngokujaha kwabaphat

I-Democratic Alliance ikhathazekile kakhulu ngokuthi abaphathi bomasipala kuzo zonke izindawo kuleli laseNingizimu Afrika bajahe ukuhlanganisa imihlangano yokuqala yomkhandlu womasipala lapho kungekho qembu lezombusazwe elithole iningi lamavoti ngokugcwele, nakuba izingxoxo zemifelandawonye (coalition negotiations) zisaqhubeka.

Kwabanye omasipala lapho kungekho qembu elithole iningi, izaziso zokubiza le mihlangano zibikwa ukuthi zakhishwa ngaphambi kokuthi iKomidi Lezokhetho (Electoral Commission) lishicilele amagama amakhansela akhethiwe ngomhla ka-13 kuLwezi ka-2026.

Isigaba 29(2) soMthetho Wezakhiwo Zomasipala (Municipal Structures Act) sinikeza isikhathi esiyizinsuku eziyi-14 lapho umhlangano wokuqala womkhandlu kamasipala osanda kukhethwa kumele ubizwe khona. Lo mthetho ubeka umnqamulajuqu (deadline), okudingeke ukuthi imikhandlu ihlangane. Noma abaphathi bomasipala benesibopho esisemthethweni sokubiza imihlangano yokuqala ngaphambi kwesikhathi esimisiwe, ukuhlela ngokuphuthuma emikhandlwini engenabo ubuningi obuqinisekile kubeka engcupheni futhi kuphazamisa izingxoxo zemifelandawonye ezisemthethweni kanye nokubhidliza imizamo yokusungula ohulumeni bamasipala abazinzile.

Ithe ngokwesitatimende Ashor Sarupe: abaphathi bomasipala bayizisebenzi zomphakathi ezinamakhono, hhayi abezombusazwe. Umsebenzi wabo uwukwenza inqubo yentando yeningi ngokusemthethweni, ngokungakhethi nangokulingana, hhayi ukuthonya umphumela wayo wezombangazwe.

I-DA ikholelwa ukuthi ukuhlelwa kwale mihlangano ngalesi sikhathi, ikakhulukazi lapho izaziso zakhishwa khona ngaphambi kokushicilelwa kwamagama amakhansela, kudinga ukuhlolwa ngokuphuthuma. Ukusebenzisa amandla asemthethweni kumele kuhambisane nezibopho zomthethosisekelo zokungakhethi, ubulungiswa kanye nokwethembeka.

Izingxoxo zemifelandawonye ziyingxenye esemthethweni futhi edingekayo yezinqumo zentando yeningi ezenziwe abavoti. Lapho kungekho qembu elithole iningi, amaqembu ezombangazwe kumele anikezwe ithuba elifanele, ngaphakathi kwesikhathi esibekwe umthetho, ukuze axoxisane ngamalungiselelo akwazi ukukhiqiza ohulumeni abazinze nabaphendulayo.

Ngakho-ke i-DA ibhale incwadi ephuthumayo kuNgqongqoshe WezokuBusa Ngokubambisana NezoMdabu (Cooperative Governance and Traditional Affairs), uVelenkosini Hlabisa, icela ukungenelela kwakhe.

Sizocela uNgqongqoshe ukuthi axoxe namaMec ezifundazwe abhekelele ezohulumeni basekhaya kanye nabaphathi bomasipala ukuze kuqinisekiswe ukuthi imihlangano yokuqala yomkhandlu ibizwa ngokusemthethweni, ngokungakhethi futhi ngokuhambisana nesikhathi esibekwe umthetho kanye nenqubo eqhubekayo yokwakha ohulumeni bomasipala.

Sizophinde sicele ukuba kuhlolwe ngokushesha izaziso ezikhishwe ngaphambi kokushicilelwa kwamakhansela akhethiwe ukuze kutholakale ukuthi zonke izidingo ezingokomthetho nezinqubo zihloniphekile yini.

Izinhlaka zomasipala akumele zibe izinsiza zokukhohlisa kwezombangazwe ngesikhathi esifanayo lapho abantu baseNingizimu Afrika belindele ukuthi abameleli babo abakhethiwe basungule ohulumeni abasha.

Indima yabaphathi bomasipala iwukwenza intando yeningi yenzeke, hhayi ukunquma umphumela wayo.

I-DA isazibophezele ekuphetheni izingxoxo zemifelandawonye ngokuzibophezela nangokushesha, kanye nasekusunguleni ohulumeni abazinze abakwazi ukuletha izinsiza kuzo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *