
By Malcolm Hlongwane
Isibhedlela i-Addington eThekwini sihlanganise abasebenzi bezempilo, abazali kanye nemindeni ukuze bagubhe uSuku lomhlaba Lwabantwana Abazalwa Ngaphambi Kwesikhathi luka-2026 (World Prematurity Day 2026), lapha bebungaza amandla abantwana abazalwa ngaphambi kwesikhathi kanye nokuzinikela kwalabo abasebenza ngokungakhathali ukubanika ithuba lokuphila.
Lo mcimbi, obuhlelwe ngaphansi koPhiko Lokunakekela Izingane Ezisanda Kuzalwa Ezidinga Ukubhekwa Ngokukhethekile (NICU), oluholwa ngu- Nksz NS Khumalo, uhloniphe ukubambisana okunamandla phakathi kwabasebenzi bezempilo nabazali ekunakekeleni izingane ezizalwa ngaphambi kwesikhathi, ukusekela ukukhula kwazo kanye nokuzisiza ukuba zinqobe izinselelo ezihambisana nokuzalwa ngaphambi kwesikhathi.
Kusukela kodokotela nabahlengikazi kuya kubazali abachitha amahora amaningi beseduze kwabantwana babo abancane, yonke imizamo idlala indima ebalulekile ekusizeni laba balwi abancane ukuba bakhule baqine, baphile futhi bachume.
Lo mgubho uphinde wamukela ububele, ukusebenzisana kanye nokuzibophezela okusemuva kohambo lwengane ngayinye, ugqamisa indima ebalulekile edlalwa ngabazali nabasebenzi bezempilo ngokubambisana ekunikezeni abantwana abazalwa ngaphambi kwesikhathi ithuba lekusasa elinempilo.
Yonke impilo encane ibalulekile. Zonke izinyathelo zokukhula zifanele ukugujwa. Wonke umlwi omncane ufanelwe yithuba lokuchuma.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
