
Kuqopheke umlando UMkhandlu waseRichmond (Richmond Local Municipality) uba ngowoluqala ukugcoba iMeya yeqembu lo uMkhonto weSizwe Partty (MKP) ngokusemthethweni, ngoLwesithathu, mhla ziyi-18 kuLwezi ka-2026, ngesikhathi somcimbi wokufungiswa kwamakhansela obusendaweni yaseRichmond Sports Complex. Lomcimbi, obuthanyelwe amalungu omphakathi, abaphathi bendabuko, kanye nezikhulu zikahulumeni eziphezulu, umaka isahluko esisha ekubuseni nasekuthuthukisweni kweRichmond.
Lomhlangano wokuqala, obizwe ngokwesigaba soMthetho Wezakhiwo Zomasipala (Local Government: Municipal Structures Act), ubone amakhansela asanda kukhethwa ethatha isifungo sehhovisi phambi kukajaji obephethe lomcimbi kanye namalungu omphakathi. Ngalokho, athembisa ukusebenzela abantu baseRichmond ngokwethembeka, ubuqotho, ukuziphendulela, kanye nokuzinikela okukhulu kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.
Ekhuluma emcimbini wokwethula inkulumo esemqoka, uNgqongqoshe WezokuBusa Ngokubambisana NezoMdabu (COGTA) KwaZulu-Natal, umhlonishwa Rev. Thulasizwe Buthelezi, unxuse umkhandlu omusha ukuba usebenze ngokuzikhandla ekwakheni iRichmond engcono kuzo zonke izakhamuzi. UNgqongqoshe uButhelezi ukhumbuze ubuholi ngeqiniso eliphuthumayo lentsha engasebenzi kule ndawo, egcizelela ukuthi ukulethwa kwezinsiza ngokushesha, ukudalwa kwemisebenzi, kanye nokunika intha amandla kumele kuhlale kuyisimiso esikhulu somkhandlu.
Kube sekukhethwa ubuholi bawo, bonke abamele iqembu le-uMkhonto weSizwe Party (MK Party):
Imeya (Mayor): Ikhansela uReginald Ngcobo
Iphini Lemeya (Deputy Mayor): Ikhansela uJoyce Ndleleni
USihlalo woMkhandlu (Speaker): Ikhansela uDerrick Thompson
Ukukhethwa kwabo kuveza umyalezo ocacile wokuhlinzeka ngobuholi obuzinzile, obuphendulayo, futhi obubheka abantu esikhathini esisha sehhovisi.
Ngaphezu kwalokho, Umasipala uqinisekisile amakhansela aqokwe ukumela iRichmond kuMasipala wesiFunda saseMgungundlovu:
Ikhansela uSizwe Khuboni (Iqembu le-MK Party)
Ikhansela uKhonziwe Mkhize (Iqembu le-African National Congress)
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
