
UMnz Cyril Xaba oyiMeya yeTheku ubenesithangami sabezindaba lapho echaze ngokhona ngesabelo mali ekuvinyelwene ngaso emhlanganweni wokugcima womkhandlu.
Ube esechaza ukuthi inkinga yengqalasizinda iqale ngesikhathi sezikhukhu ezihlasele lelidolobho eminyakeni eyedlule. Uqhube wathi enye ingqalasizinda isindala kakhulu ngakhoke kumele ifakwe kabusha kushintshwe namapayipi amadala iningi lawo kungaka bhestazi kufakwe amasha akhiwe ngo plasithiki.
Ebeka umhlahlandlela wokuya phambi uthe umasipala weTheku uzosebenzisana nenkampani ephakela lomaspala amanzi Umngeni Uthikela Water, ngoba yona inesipiliyoni l. Kubekwe eceleni imali engangezi gididi zika (R1.2 million) ukulungisela ukusatshalalilswa kwamanze kulezizindawo: Mlazi, Folweni,Nsimbimi, Chatsworth, Klaarwater, oNorthdede.
Eminye imiphakathi ezohlomula kulelighxathu lokuthunyelwa kwamanzi: Umgababa, Isiphingo, Kwamakhutha, Mfume, Minini kanye naseMkhomazi. Lapha kuzochithwa imali engango R11 billions.Ngesikhathi sesabelo mali sika 2024, kwaqalwa ngemali engu (R56 millions) nezosentshenziselwa ukulu kushontswe imgqalasisizinda ephakela lemiphakathi,: Lindelani , Ntuzuma, Machobeni, Tafuleni Nhlungwane, Inanda kanye naseMatikwe.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
