Zivalelane kwashunqa ithuli izikhulu zebhodi le Ithala

News

By Malcolm Hlongwane

Ithala Development Finance Corporation lihambele indawo yaseMadadeni Newcastle ngokohambo lwalo lokuhlola izakhiwo zalo eliqashise kuzo osozimboni.

Ngenka izikhulu zalelibhodi lifika enkampanini wkuthi 43 DOT lifike abantu bekhala ngokuthi lefemu iqasha abantu bokufika kunokuba iqashe abaseNingizimu Africa.

Ibhodi libe seliba nomhlangana nabaphathi bale femu okungabokudabuka eChina ekhuluma nabo uMnz Mpungose nongusihlalo webhodi uthe kubaphathi njengoba bona bebawo amaphepha okuthi basenze lapha eNingizimu Afrika kubalulekile ukuthi baqinisekise ukuthi nabantu ababaqashayo kube abantu abanamaphepha akhomba ukuthi balapha Ningizimu Africa ngokusemthethweni.

Njengenjwayelo abaqashi bakhale ngokuthi uma bekhipha abokufika kuzodingeka ukuthi bayivale ifemu yabo yezendwangu ngoba kuzohamba abantu abanekhona.

Ibhodi le -Ithala libe selinxusa izikhulu zalemboni ukuba zizsebenzisa nezikhungo eziqeqesha amakhono ukuze kube nohlelo lokuqeqesha intsha yase Ningizimu Afrika ukuze ikwazi ukuvala lezizikhala abakhala ngazo.

email: Malcolm@onenews.co.za