Ujenene Mkhwanazi ubheke esicongweni kuma HAWKS

News

 Umsebenzi omuhle uyabonakala, kuJenene Nhlanhla Mkhwanazi njengoba Ungqongqoshe wezamaphoyisa osabambile, iNzululwazi Firoz Cachalia esemane waphakamisa igama lakhe uMkhwanazi ukuba kube nguye umkhuzi wamaphoyisa kwisigaba se Directorate for Priority Crime Investigation (DPCI) okunguphiko oluphenya funi luhenye amacala abucayi.

OkaMkhwanazi uqokelwe ukuthi kube nguye ozobamba lesisikhundla nje, kade sakhamisa kungekho ongena kuso kusukela kwahamba uJenene Godfrey Lebeya ngo Meyi 2025 esingathi unyaka nohhafu.

Ngokomthetho lesisikhundla akumele engabe sikhamisile ngoba sibheke kakhulu amacala abucayi nanobungozi okudiga umuntu ozosebenza ngokugcwele ukulwa nokukhwabanisa nobugebengu obuhleliwe. Uma kubhekwa umsebenzi kaJenene Mkhwanazi kuyavela amava akhe ekulwisaneni nougebengu nangemfundo anayo ehamba nesibindi sokubhekana ngqo nezigebengu.

Njengoba seliphakamisiwe igama lakhe selidluliselwe eshiyamthetho ukuba balicubungule bese kuphuma isinqumo esingujuqu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi uthathwa njengeqhawe iNingizimu Afrika yonke kusukela mhla ebiza isithangami sabezindaba ngo Julayi 2025 nokwaholela ekusungulweni kwekhomishane kaMadlanga nesiveze ukungcola okuningi emaphoyise kanye nakwezinye izinhlaka zomphakathi.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry