
U-Mengameli Cyril Ramaphosa ehambisana nongqongqoshe abahlukene uThembi Simelane, wezezindlu; uSiboniso Duma weZezindlu neZokuthutha KwaZulu Natali; uKhansela Cyril Xaba oyiMeya yeTheku bahambele indawo yezindlu ebizwa nge Cornubia Integrated Human Settlement Projects ukuyivula ngokusemthethweni.
Ngenkathi befika etendeni ebelakhelwe kuyona lendawo uhlangabezane nezimbila zithutha amalunga eANC nabanye emphakathini abebedinwe begane unwabu ngokuthi izindlu ababethenjiswe zona abakazinikezwa ngisho namanje.
Iningi lalaba bantu ilabo ababe zisulu zezikhukhula kusukela ngo 2019; kuze kube manje. Baqhamuka ezindaweni ezahlukene okubalwa Verulam, Clairewood, Palm Beach ePhoyinti, Bayside Hotel nabakhiswa ngesankahlu ngenkathi uhulumeni engasakhokhi.
Kuthe lapho sekuthulwa uMengameli CyrilRamaphosa ukuthi azokhuluma, iqulu labantu lisukumi laphuma njengoba amakhansela kade ebabizela emnyangi esaba ukuthi bazolubhadlaza kuMengameli Ramaphosa udaba lwabo. Amakhansela athe ababhale phansi izikhalazo zabo kube iwona azozidlulisela kuye uMengameli kodwa bala baphetha bathi angeke kubasize ngalutho. Kube nokuxokozela.okude noMengameli Ramaphosa waze wanqamula inkulumo yakhe washeshe wahamba.
malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
