Kunxuswe amaNazaretha ukuthi avotele NFP

News

Ngo: Malcolm Hlongwane

Ngenkathi abanye benhlangano National Freedom Party (NFP) begjima izinkantolo belwa izimpi zangaphakathi uMbali Shinga nongumholi waleli qembu ugaya amavoti ukuze banqobe ukhetho ezindaweni lapho bezobe bemeleleke khona.

Umgqigqo we-NFP ubonakale welulelwa endaweni yaseMzumbe nalapho engowokuzalwa khona. Lapha uNksz Shinga nobuholi obuphezulu kwisifundazwe saKwaZulu Natali uhambele ibandla lakwaShembe ethempelini lakwa Hlahlindlela nalapho efike wanikela ngezinto zokucula esingabala kuzo izigubhu.

Ethula inkulumo yakhe emfishane uMbali Shinga uthe ubonile intsha yalelibandla izimisele ngomculo wabe esekhetha ukuthi abathengele ugubhu lokuthi badumise uNkulunkulu.

Ube esenxusa amalunga ebandla ukuthi avotele leliqembu ukuze bathole ushintso abaludingayo emiphakathini wabo. Lesisicelo sibe sesinanelwa ngumfundisi Thuthukani Mhlongo nothe onke amaNazaretha akothi uma efika esikhungweni sokuvota abheke NFP nabazoyibona ngesikibha esinombala o-orange.

Leliqembu libe selidlulela kwirali yalo ebihlelelwe khona kulendawo nalapho lidlulisele khona ukudla emindenini eswele.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry