Umkhandlu weTheku uqeqeshe abezindaba ngo-EL NINO

News

Njengoba izakhamuzi zaseThekwini zibhekene nengwadla yezikhukhula ezilokhu ziqhamuke njalo kanye nokuncipha noma ukushoda kwamanzi esuka kwizikhungo eziwamumathayo ngaphambi kokusatshalaliswa emphakathini (Reservoirs). Abezindaba yibo ababika ngaloludaba mihla namalanga, kwesinye isikhathi nabo babuye bamangale ukuthi ngabe yini lena esiyenzeka kwisimo sezulu, baphinde nabo bababaze kanye nomphakathi.

Ukubalekelela ukuze baqonde kahle ngokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nesishingishane uEL NINO kube into ebaluleki ukuthi bafunde ngaso ukuze bafundise imiphakathi ekubikeni kwabo.

Umnyango wezokuxhumana kumkhandlu weTheku ube usuhlela isithangami sokucobelelana ngolwazi obizwa ngokuthi Media Workshop on EL NINO.

Kulesisithangami soqeqesho bekukhona izinzululwazi ebeziqhamuka eminyangweni ehlukahlukene kuwona umkhandlu weTheku kanye nabebeqhamuka eNyunivesithi yaKwaZulu Natali.

Kubhekwe ukuthi uyini uEL NINO kwabhekwa nokuthi imiphi imithelela lesi sishingishane esinayo ekunyukeni kwamazinga okushisa nokuphazamisa izimpilo zabantu kanye nezingane.

Ethula inkulumo yakhe uSolwazi Rajen Naidoo uthe, ukushisa okukhulu kuthinta ngisho izingane ngesikhathi omama besakhulelwe nokubonakala uma ingane isizelwe sekunezingqinamba empilweni.

Lokhu kuguquguquka kwesimo sezulu no EL NINO kuletha ukushisa okukhulu futhi kuphazamise ukunetha kwemvula njengoba imvula eningi inetha olwandle ngokusho kososayensi ekubeni ezweni incane nokwenza izinga lamanzi lehle kakhulu emadamini bese kuphoqa ukuthi kwezinye izindawo amanzi anqanyulwe izikhawu, ikakhulukazi ebusuku ukuze kwenyuswe umthamo wamanzi.

Ukugcoliswa kwemvelo kuvele njengenye yezinto ezibanga ukuguquguquka kwesimo sezulu. Umkhandlu ngokweminyango eyahlukene ube usuveza izinhlelo onazo zokubhekana nokuguquguqula kwesimo sezulu ukuze abantu baphephe futhi kungathikamezeki kakhulu ukukhiqizwa kokudla

Izihloko ebekugxilwe kuzo ilezi: What is EL NINO, Impact of Climate Change on LocalnGovernment (Professor Sutherland – UKZN); Disaster Preparedness, Durban Climate Action Plan, Durban Clamate Change Strategy- (Dr Luyanda Mafumbu); EThekwini Disaster Management Summer Contingency Plan September 2026 to April 2027 ( Mr Jotham Khumalo); Weather Outlook ( Nhanhla Sithole (SABC weatherfocaster); Transformative Riverine Management Programme ( Russell Stow, Manager TKMP); City of EThekwini Greenhouse Gas Emission Inventory (Sphamandla Daniel, Climate Change Mitgation);
Child Heat Impact Case Study ( Professor Rajen Naidoo UKZN); Southern Durban Basin Project (Mr Sean Petzer, Pr Tech Eng); Air Quality Management ( Mr Phathutshedzo Raphalalalini).

Ephetha lolusuku uMnz S Mzila noyisikhulu esiphezulu sezokuxhumana kumkhandlu weTheku uthe, ukucobelelana ngolwazi ngaloluhlobo nabezindaba kuzoqhubeka njalo ngoba ukuguquguqula kwesimo sezulu kuseyinkinga emile nje.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry