
Ngenkathi uMnz Cyril Xaba enesithangami sabezindaba namuhla eThekwini, nalapho ebechaza ngesixazululo senkinga yokuphela kwamanzi, ube esebuzwa ngezinhle zeTheku zokubhekana nabantu abahlala emgwaqeni nababizwa ngamaPhara.
Ephendula , uthe bona njengomasipala weTheku sebehambe phambili ukubhekana ngqo nalenselelo ngokuthi bakhe ikhaya lapho amaPhara ezohlala khona okwesikhasha ngenkathi esuswa emgwaqeni.
Lesisakhiwo esibizwa ngokuthi i-Sakhithemba Homeless Shelter sakhiwa endaweni yaseLovu buhle buduze nendawo yase-Siphingo. Sizoba nemibhede engama-800 kodwa kuzoqala kwakhiwe angama-400 bese kuyaqhutshekwa.
Kulendawo amaphara azohlala khona izinyanga eziyisithupha kuya kweziyi-12. Ngenkathi behleli kulendawo bazobe bethola ukululekwa ngokwengqondo baphinde baqeqeshelwe amakhono ahlukahlukene ukuze bakwazi ukuthi uma sebephuma kulendawo bazimele. Noma futhi sebehlanganiswa nemindeni yabo babe nabafika nako ukuze bangabi umthwalo emindenini.
Ube esenxusa abezenkolo nemindeni ukuthi ingenelele ekulweni nalesisihlava sokuthi izingane zisuke zihamba emakhaya ziyohlala emgwaqeni yasedolobheni. Enanela inkulumo yakhe uthe; “Angeke siyinqobe lempi bengekho abazali ngoba ibona ekumele basho ukuthi umuntu ususwe yini ekhaya nabo babenezinhlelo zokubamukela uma sebebuyela emakhaya. Selokhu ngangena njengeMeya yomkhandlu weTheku angikaze nje ngizwe kuthi kukhona umuntu ofike ehhovisi lami ezocela usizo lokufuniswa umntwana owabaleka ekhaya osehlala emigwaqeni yeTheku”.
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
