Bazohlomula osomatekisi ekuthulweni kwe GO!Durban.

News

By Malcolm Hlongwane

Umdonsiswano obuphakathi kwe SANTACO eThekwini nomkhundu weTheku mayelana nezinto eziningi nobange ukuma kohlelo lwe GO!Durban iminyaka engaphezu kweyisihlanu usufike esiphethelweni.

Ekhuluma ekuthwelweni kwaloluhlelo eThekwini uMnz Mthula Mkhize ongusihlalo weSANTACO uthe bona njenge mboni babefuna amabhasi onke kamasipala eGO!Durban kube ngawabo futhi befuna ukuthi abanikazi bamatekisi abazokahlekelwa izimoto ngenxa yaloluhle banxeshezwele.

Uthe ezingxonxweni bakuqondile ukuthi amabhasi angama 22, angeke bakwazi ukuthi babengabanikazi bawo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazohlomula.

Umhlomulo omkhulu ilona wokuthi bazoba ingxenye yenkampani ezothenga izimoto ezintsha ezizothutha abantu zibayise eziteshini ze GO!Durban omuunye umhlomulo owokuthi bavumelene ngesamba esingadalulwanga esizokhokhelwa osomatekisi abazovalekelwa umsebenzi.

Lokhu kuvulwa kwe GO!Durban okuzoqala mahlaka 1 kuZibandlela 2026,  kuzoqala ngomzila ophakathi kwe Bridge City kwaMashu kanye ne Pinetown.