Bahlomule ngoqeqesho abama SpazaShops eThekwini

News

Ngo Malcolm Hlongwane

Inhlangano yomphakathi edume ngokugqugquzela ukuthi abantu base Ningizimu Afrika babekwe phambili kumabhizinisi kanye nokuthi kubuyiselwe ibhizinisi lamaSpazaShops kubantu abanyama bakukeki i-March and March; ibambisene ne Moses Nkotane Research Institute bacije osomabhizinisi ngamakhono ahlukene.

Loluqeqesho belufake ikhono lokuthenga ngokudidiyela, “Bulk Buying”, ukunakekela abathengi “Customer Service” kanye nokugcinwa kwezimali. Kuloluqeqesho bekukhona izikhondlakhondla zezitolo zokudla okungo Boxer kanye no Makro.

Ethula inkulumo uNksz Ntombi Dludla oyisikhuku esiphezulu kwa Boxer ucebise osomabhizinisi ukuthi bahlangane ukuze bakwazi ukuthenga impahla ngama nani aphansi. Ube esezibophezela ukuthi izitolo zabo ezingu 600 neziphakelwa ama Distribution Centres ayisikhombisa zizobalekelela.

Isitilo sakwaMakro ngokomlomo ka Mnz Xulu uhambe ezinyaweni zika Nksz Dludla wathi nabo kwa Makro banalo uhlelo ngisho lokunika osomabhizinisi ithuba lokuthi bathathe ukudla ngesikweleti bese bekhokha uma sebedayisile.

Ebeka inkulumo yokugoqa loluqeqesho imholi we March and March uNkkz Jacinta Ngobese Zuma uthe osomabhizinisi abayeke ukumonelana kodwa babe imbumba njengoba kwenza abokufika bakhulosane emabhizinisi bathenge ngokubambisana. Ube esetshala umbono wezitokofela zokufukulana kuma SpazaShop athe SpazaShop Stockveld lapho osomabhizinisi bengathengela omunye nomunye impahla yokuthengisa bendawonye.

Amanye amabhizinisi amakhulu abeyingxenye yaloluqeqesho kodwa bezithula usizo abanalo kube Standard Bank, FNB, Ithala, iKhokha, National Youth Development Agency nabanye

email: Malcolm@onenews.co.za

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry