Ishaya amakhala i-BBF ngo TongaatHullet

News

Ngo Malcolm Hlongwane

Inhlangano ebizwa nge-Black Business Forum nebiholwa usekela sihlalo wayo uNksz Ntabiseng Mazibuko ngenkathi yenza umgcelele edolobheni laseThekwini zingama, 27 Agasti 2026, isashaya amakhala ngokutakulwa kwenkampani Tongaat Hullet necishe valwa ngenxa yokubisha shi, ezikweletini kanye nokungakwazi ukusebenza endawe yakwaDukuza.

Kuzokhumbuleka ukuthi lemkampani esineminyaka ikhiqiza ushukela futhi yondla imindeni eminingi ngabantu abebekade beqashwe kuyona ibisengcupheni yokudiliza izinkulungwane zabasebenzi.

Lenkampani ibe isifakwa ngaphansi kohlelo lokutakulwa uhulumeni nalapho kubonakale khona izinhlaka ezimbili okuyi Vision Consortium ibambisene ne Independent Development Corporation (IDC), nokuyiyo efake izigidigidi ezibalelwa kwezine (R4 billion) besenzisana ngempumelelo, njengoba sekusayinwe isivumelwano sokutshalwa kwezimali nokuzosiza, umhakathi kanye nosomabhizinisi abasebhizibisi likamoba.

I-Black Business Forum ikhala ngokuthi akubange kusalandelwa izinto ekwavumelwana ngazo ngenkathi kuhlanganiswa futhi kwethulwa Vision Consortium . Echaza ngezikhalo zabo uNobhala walenhlangano uMnz Wonder Mazibuko uthe, loluhlelo lwaqala ngokuthi kufakwe Izinduna naMakhosi ezizwe ezakhele yonke indawo esendaweni ekusebenza kuyo uTongaat Hullet kodwa manje sebeyamangala ukubona izinto sezifakwa ngaphansi kwesiphuku.

Izikhulu zikahulumeni zibe sezithatha uhlu lwezikhalo zathembisa ukuthi zizobuyisa izimpendulo emva kwezinsuku eziyishumi nane.

email: Malcolm@onenews.co.za

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry