
By Malcolm Hlongwane
Isikole iKwaHluzingqondo High School, esiseMahlongwa ngaphansi kukaMasipala waseMdoni esifundeni uGu, siqophe umlando ngesikhathi sihambele uSuku Lwamakhono Akhethekile oluhanjelwe owayenguSomkhathi we-NASA, uDottie Metcalf-Lindenburger, kanye nesikhulu esimele uhulumeni waseMelika eNingizimu Afrika.
Ukuvakasha kwalezi zikhulu ezisezingeni lomhlaba kugqamise ukubaluleka kokubambisana phakathi kwamazwe kanye nokuzinikela kwesikole ekuthuthukiseni imfundo yezesayensi, ubuchwepheshe, ezobunjiniyela kanye nezibalo (STEM).
Izivakashi zikhuthaze abafundi ukuba bazimisele ezifundweni zesayensi, zathi izwe lidinga ososayensi abaningi abazoba ngabaholi bakusasa.

IKwaHluzingqondo High School isiphenduke isibonelo sokuthi ukusebenza ngokuzikhandla nokwesekwa kungaguqula isikole. Eminyakeni eyedlule lesi sikole sasibhekene nemiphumela ephansi kamatikuletsheni, sathola cishe u-33%.
Nokho, ngosizo lweMazisi Kunene Foundation, olwahlinzeka ngezinsiza ezahlukene okubalwa kuzo igumbi lesayensi, isikole sathuthukisa kakhulu izinga laso.
Ngo-2025 abafundi bakamatikuletsheni bathola imiphumela emangalisayo, kwafinyelelwa ku-99% wokuphasa.
Abafundi nothisha bathe ukuvakasha kukaDottie Metcalf-Lindenburger nezinye izikhulu kubanike ugqozi lokuphokophela phezulu nokubona ukuthi amathuba omhlaba avuleleke kubo uma bezinikela ezifundweni zabo.
Lo mcimbi uphinde waqinisa isithunzi sesikole njengendawo ekhulisa ikusasa lososayensi nabaholi baseNingizimu Afrika.
email: Malcolm@onenews.co.za
