Umangaze abaningi ezimele yena enkantolo Phakelumthakathi

News

UPhakelumthakathi Ndabandaba uzivikele izenzo zakhe zokuvala amabhizinisi abokufika abangenamvume kwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ubelapha nje ngemva kokuthi abokufika bemfake icala enkantolo futhi benxusa inkantolo ukuba imvimbele ukuthi aqhubeke nokwenza lokhu ihinde futhi imunike isivimbelo sokhuthi angasondeli eduze nezitolo zabokufika.

Ijaji uNirghin, enkantolo enkulu yamajaji eMgungundlovu ube esembuza okaNdabandaba ukuthi kungani engafisa ukuba inkantolo ingasikhikhiphi isigwebo esicelwa ngabokufika; uthe yena akalwisani nabokufika futhi akabazondi kodwa bacelwa abokufka ukuthi beze emhlanganweni womphakathi abawudayiselayo ezitolo zabo ukuze kuqinisekiswe amaphepha abo okuba lapha eNingizimu Afrika ngokusemthethweni nokuthi baxoxisane ngokuhlephulelala kwisinkwa somnotho nabantu bakwaNongoma

Kuvele ukuthi bona abezanga emhlanganweni kodwa bancama ukugijimela enkantolo  uqhube wathi akusibona bonke abokufika abalethe yena enkantolo njengoba abanye besaqhubeka nokusebenza KwaNongoma bakwenza lokhu ngokukhululeka ngoba bakwazi ukuveza amaphepha akhomba ukuthi bala ngokusemthwethweni.

UNdabandaba uthi usafuna ithuba lokuxoxisana nabanikazi bamabhizinisi abaphandle kanye nomphakathi wendawo ukuze kutholakale indlela yokuqhubeka. Uphikelela ngokuthi amabhizinisi kumele ahambisane nemithetho yaseNingizimu Afrika futhi abe namaphepha afanele okusebenza.

Uphinde wenqaba noma yimuphi umbono wokuthi lombango  uholele odlameni, enxusa abanikazi bamabhizinisi angaphandle ukuthi bahloniphe imithetho yendawo kanye nokukhathazeka komphakathi.

Icala liguqisiwe ukuba libuyele enkantolo ngomhla ka-23 kuLwezi ka-2026

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *