Intokozo iFunukwazi Crèche ihanjelwe ubaba Mipiko Msomi ekuphothulemi kwabantwana eZasengwa

News

Inkulisa esendawe yasemakhaya i-Funukwazi Creche eyasungulwa ngo nyaka ka 2000 nenezingane ezingu 54 okwamanje ibe nosukulokuthwesa imiyezane odado abangu 18 asebephuma enkulisa. Lomcimbi ububanjelwe edolobheni eScortburgh Mall nalapho kubonakale injabulo enkulu kubazali nothisha kanye nabantwana imbala, njengoba sebesiqedile isigaba semfundo ebizwa nge Early Childhood Development (ECD) sebedlulela kumnyango wezemfundo eyisisekelo.

Lenkulisa isendaweni yaseZasengwa ngaphansi kuka Ward 5 JohannesPhumani Phungula Municipality owawubizwa ngo uBuhlebezwe Municipality. Ubaba uMsomi ufika nje kulomcimbi walenkulisa wazane nayo ngokwe nhlangano yakhe engenzi inzuzo ebizwa ngokuthi i-Siyakha Community Development Organisation nalapho ubaba Msomi abesebenza kuyo njengo Sihlalo.

Ngenkathi okaNomdayi esebenza kulenhlangano kuningi assize ngakho abantu baku Ward 5, esingabala nje ukutholela izingane izitifiketi zokuzalwa, ukutholela abantu omazisi, ukutholela abantu lonkuhlobo lwezempesheni ezingaphansi komnyango weZokuthuthukiswa koMphakathi kanye ne South Africa Social Security Agency (SASSA). Yonke imisebenzi abeyenza ubaba Mpiko Sibusiso Msomi ubekhipha ephaketheni lakhe ehla enyuka ukuze kusizakale umphakathi.

Nonyaka umphakathi ube usumphakamisa ukuthi angenele ukuba ikhansela kule ward ngaphansi kweqembu lezombuszawe uMkhonto weSizwe Party (MKP) neliphumelele ngamalengiso kulewadi (Ward5) lokhu osekwenze ashenxe ekubeni ngusihlalo walemnhlangano.

Okuhle nokumangazile ukuthu ubaba uMsomi akuzange kuthi uma abantu sebemkhethile ukuthi abe ikhansela wase eyeka abekade ekwenzela umphakathi njengoba ebonakala esenza umsebenzi wentuthuko, yize umkhandlu ungakagcotshwa ngokusemthethweni.

Esithombeni nguThishanhloko uNkkz BG Vezi lapho ebenika ubaba uMsomi isitifiketi sokubonga. UNkkz Vezi ube esecela ukuthi abanamandla okubapha uxhaso ukuze bakhe amanye amagumbi okufundela ukuze bakwazi ukumelana nezidingo zesitifiketi sabo sePartial Care ngoba okwamanje kulezingane ezingu 54 ezingu 18 kuphela ezithola uxhaso kuhulumeni. Siyanxusa nathi ukuba abanosizo bathintane naye ku 073 606 5132.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry