Yandulelwe olokuhlolwa kwezinto iBayede Dewali Festival

News

Umcimbi waminyaka yonke ohlanganisa isiko nenqubo-mgomo yesizwe samaZulu kanye nesikompilo nenqubo-mugobmo yaseNdiya eyaqalwa ongangezwelakhe Isilo esesakhothama u-Bhejane Phumesiqiwini nobizwa nge Bayede Dewali Festival wandulelwe umhlangano phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelitini noNgqongqoshe wezenhlakahle uNksz Dina Pule.

Ungqongqoshe uthe banezinhlelo zokwenza ucwaningo mayelana nokuhlolwa kwezintombi emva kokuthi bona njengomnyango bethole izikhalo ezining ngokwenziwa kwalo usiko ngoNogonomehlo. Lolucwaningo luzobheka ukuthi umthethosisekelo uthini futhi amalungelo ezingane athinteka kanjani.

Ubesethi ngenxa yokuthi ukuhlolwa kwezintombi kuthinta usiko mpilo laKwaZulu kakhulu bazoba nokusebenza ngokubambisana nehhovisi laso Isilo nesesivumile ukusebenzisa nabo njengomnyango kanye nomphakathi.

Lomhlangano uhambe kahle kakhulu ngokusho kukangqongqoshe Dina Pule nothe kubahlabe umxhwele ukuthi Isilo Misuzulu sibanxuse ukuba bafake nabezinkolo kulolucwaningo ukuze kutholakale uvo lwabo.

Ebuzwa ngezinye izinhlaka ezizobamba iqhaza kulolucwaningo njengezikhungo zemfundo ephakeme uthe, okwamanje bona njengomnyango abakazukuludalula uhla lwezinhlaka abazosebenzisana nazo nogo izinhelo zisesemazingeni aphansi impela.  

Ngenkathi ehambele Isilo umngqongqoshe ube esedlulisa isipho sezinkomo ezimbili . Okhululumela ubukhosi bakwaZulu nomndeni wonke uMtwana Mpiyakhe Buthelezi uthe uhlelo lukamngqongqshe luyasiza kakhulu ngezimpesheni ezisiza ukuxosha indlala esizweni, ngakhoke umphakathi uzobamba iqhaza kulolucwaningo.

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *