
Ngo Malcolm Hlongwane
Impilo yemihlangemihla, nomhlaba wonke imbala usuncike kakhulu kwezobuxhakaxhaka nobuchwepheshe kwezokuxhumana. Lukhu kwenza izinto zishintshe kakhulu njengoba yonke into isincike kuloluhlelo.
Ubuhlakani bokwakhiwa (Artificial Intellegence) buhamba phambili ezikoleni, emabhizinisi, ngisho nakwezilimo imbala ngokusebenza kwamarobhoti oluthe chithi saka nokusetshenziswa khona ubuchwepheshe bama “Drones”.
Kwenzeka nje lokhu okuningi okusebenza lapha eNingizimu Afrika akwakhiwa khona kodwa sikulanda kwamanye amazwe. Kunezinkampani ezinigi ezikhiqiza lezizinsiza. Kuhulumeni wethu kunenhlangano ebizwa nge State Information Technology Agency (SITA), ebhekene nqgo nezibuxhakaxhaka kanye nobuchwepheshe kwiminyango kahulumeni.
Minyaka yonke i-SITA ibambisene noMnyango weZobuchwephe bayaye babambe inkomfa kanyenombukiso wezabo ubuchwepheshe obizwa ngokuthi GovTech.
Kulonyaka lenkomfa nombukiso wezobuchwepheshe uzobanjweka endaweni yezinkomfa eThekwini ebizwa ngokuthi GovTech 2026. Lapha kulindeleke izihambeli ezivela kwizinkampani ezinkulu ezifana noVodacom, MTN, Huwie kanye neminyango eminingi kahulumeni njengoba yonke isebenzisa amakhompuyutha.
Kumenywe nabafundi abaqhamuka kwizikhungo zemfundo ephakeme nabangabanye balapha eNingizimu Africa abakhiqiza ama (APP) ngolimu lokuchashunywa.
Lenkomfa nombukiso izoqala mhlazane zinga 21 kuSephuthemba kuya zinga 23 kuyo lenyanga. Kuzokhumbuleka eminyakeni eyedlule yona lenkomfa ye GovTech yaletha irobhoti elibizwa ngo Sophia elakhiwa inkampani yakwa Hanson Robotics zinga 30 Agasti 2018.
email: Malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
