
Ngo Malcolm Hlongwane
Iqembu leDemocratic Alliance (DA) selithembise ukuthatha izinyathelo ezinqala ngokumelene nezikhulu ze-eThekwini Metro Police kulandela ukuvela kombiko wophenyo ophakamisa izinsolo ezibucayi ngokuqashwa kwamaphoyisa kamasipala.
Lo mbiko, owenziwe inkampani i-Isiqu Forensic Accountants, kuthiwa wethulwa kuMeneja weDolobha laseThekwini mhla zingama-26 kuNhlangulana 2026. Kuthiwa uphakamisa izinsolo zokuthi abanye abafake izicelo zomsebenzi babekhokhiswa imali ephakathi kuka-R5 000 no-R50 000 ukuze bathole amathuba okuqashwa.
Lezi zinsolo ziphinde zavusa ukukhathazeka phakathi kwabahlali baseThekwini, abebekade bengabaza indlela obuqhutshwa ngayo uhlelo lokuqashwa kwamaphoyisa kamasipala, okubalwa nemibuzo mayelana nokuthi ngabe bonke abaqashiwe bayifezile yini imigomo nezivivinyo zomzimba ezidingekayo.
UMnuz Haniff Hoosen, ongumayoral candidate we-DA eThekwini, ugxeke kakhulu lezi zinsolo, wathi ngeke kube lula ukulwa nobugebengu nenkohlakalo uma kukhona izinsolo zenkohlakalo ngaphakathi kwezikhungo ezibhekele ukuphepha komphakathi.
UHoosen uthe uma i-DA inikwa ithuba lokuphatha uMasipala waseThekwini, izosebenzela ukuqinisekisa ukuthi iMetro Police isebenza ngobuqotho, ngokusobala nangokuhambisana nomthetho.
Lezi zinsolo manje sezibeka ingcindezi enkulu kubaphathi boMasipala ukuba baphendule ngemiphumela yophenyo futhi bathathe izinyathelo ezifanele uma kutholakala ukuthi kukhona okungahambanga kahle.
email: Malcolm@onenews.co.za
What do you feel about this post?
Like
Love
Happy
Haha
Sad
