ANC Women KZN livuma ukuthi iqembu linamanxeba ngemuva kokukhethwa kwabangenele ukhetho

News

Ngo Malcolm Hlongwane


Umbutho wabesifazane be-ANC KwaZulu-Natal usuvumile ukuthi leli qembu liphuma linamanxeba ngemuva kwenqubo yokukhethwa kwabazongenela izikhundla okhethweni lohulumeni basekhaya.


Isikhulu esiphezulu salo mbutho sithe kube nokunyathelana ezithendeni ngesikhathi kukhethwa abazongenela izikhundla, nokushiye abanye besifazane bengaphumelelanga ngendlela ababefisa ngayo.


Uthe, nokho, abesifazane akumele bahlale emanxebeni, njengoba sekusele eminye iminyaka emihlanu ngaphambi kwelinye ithuba.

Ubacele ukuthi bakhothe amanxeba, babuye basebenze ngokuzinikela ekwesekeni abesilisa asebeqokiwe ukuze bamele iqembu.

email: Malcolm@onenews.co.za

What do you feel about this post?

0%
like

Like

0%
love

Love

0%
happy

Happy

0%
haha

Haha

0%
sad

Sad

0%
angry

Angry