Ibhadlaze ubufakazi bayo i-South African Farmers Development Association (SAFD)

News

Ngo: Malcolm Hlongwane

Ngemuva kwezinsuku kusabalale kwabezindaba umbiko wokuxhashazwa kwezimani kwinhlangano yabalimi KwaZulu Natali i-SAFDA. Ibhodi layo lihambisana nekomidi lababonisi balo libe selibiza isithangami sabezindaba nebesibanjelwe kwindawo lapho lisebenzela khona nalapho ogandaganda babo behla khona eDanela ngakwaDukuza.

Lapha i-SAFDA ihambisana nekomidi elikhulikhulu (Central Executive Committee) ibizogeqa amagula ngokusebenzisa kwayo izigidi okukhalwa ngokuthi zehliswe ngomlenze ngokwenhlangano okuthiwa Izwilesizwe Forum.

Enaba kwabezindaba uMbhishobhi Enerst Mashabane nongusihlalo wekodimi lababonisi ehambisana no Mnz Thandolwakhe Sibiya ongmphathi kwezokusebenza bakhombe buhle buduze ogandaganda abathengwa ngenani lezigidi eziyishumi nesikhombisa ( R17 million) nokuthiwa wanyamalala, ababizwa nge Yellow Plant Equipment, nokuveze obala ukuthi lezi zigidi zaya kuphi.

Ube eseqhubeka uMnz Sibiya egeqa amagula ngezigidi ezicela kumakhulu amabili nane (R224 million) nezabe ziphuma kuMnyango kazwelonke weZolimo Nokubuyiswa komhlaba nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, ezazi celelwe ukusetshenziswa kuhlelo lokuthuthukisa abalimi “Farmer’s Support Service ngomnyaka ka 2021 nesicelo sakho esaphumelela ngo 2022. Uthe lemali yabancane kakhulu ngenxa yokwanda kwabalimi ababezuza kuloluhlelo njengoba kwangena izindawo zaseJozini nakoMtshwathi.

Ukubancane kwale nkece kubikwa ukuthi kwahamba kwaze kwathikameza ukusebenza kwenhlangano kwansuku zonke nokwenza kwabakhona abantu abadilizwayo emsebenzi. Noma kunjalo lenhlangano ithe isinezinhlelo ezintsha zokunxenxa abatshali zimali futhi isezinhlelweni zokubuyisa isikhulu esiphezulu futhi ivumele ngokuqasha inkampani yabacwaningi bamabhuku ukuze yonke into ihambe ngohlelo ezimalini zayo.