
By Nompilo Shezi
Kube usuku olugcwele injabulo, izinyembezi zenjabulo nethemba ezikhungweni zezempilo eKwaZulu-Natali njengoba amakhulu omama behlangane emcimbini we-Synchronised Breastfeeding Hour wokugubha iSonto Lomhlaba Lokuncelisa.
Ngalesi sikhathi, omama bancelise izingane zabo ngesikhathi esisodwa ukukhombisa ukubaluleka kokuncelisa nokunika izingane isiqalo esihle empilweni.Abanye omama bathe lo mcimbi ubakhuthazile, wabakhumbuza ukuthi uthando lomama luqala ngokuncelisa.
UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, ubonge bonke omama abaphume ngobuningi bezoseka lolu hlelo. Uthe ukuncelisa akusizi kuphela ingane, kodwa kuyisisekelo somphakathi onempilo.
“Ukuncelisa kuwutshalomali ekusaseni elinempilo lengane ngayinye, umama ngamunye nomphakathi wonke,” kusho uSimelane.
Ochwepheshe bezempilo bathi ukuqala ukuncelisa kungakapheli ihora elilodwa ingane izelwe kwehlisa kakhulu amathuba okushona kwezingane ezisanda kuzalwa.
Baphinde bagcizelela ukuthi ukuncelisa kuphela ezinyangeni eziyisithupha zokuqala kunikeza ingane wonke umsoco ewudingayo, kuyivikele ezifweni futhi kuyisize ikhule kahle.Omama nabo bayazuza njengoba ukuncelisa kwehlisa amathuba omdlavuza wamabele nowamaqanda, kusize nokuvikela ezinye izifo.
UMnyango Wezempilo unxuse imindeni, abaqashi, abasebenzi bezempilo nemiphakathi ukuba basekele omama ukuze bakwazi ukuncelisa izingane zabo ngaphandle kwezithiyo, ngoba ikusasa elinempilo liqala ngothando lukamama.
info@onenews.co.za
