Intsha YaKwaZulu-Natal Ikhuthazwa Ukuziphilisa Ngokufuya

News

BY Malcolm Hlongwane

IzinhlanziKLAARWATER, eTHEKWINI – Intsha yaseKwaZulu-Natal ithole ithuba lokuvulelwa amehlo ngamathuba omnotho akhona emkhakheni wokufuya izinhlanzi ngesikhathi ivakashele ipulazi lokufuya izinhlanzi eKlaarwater (eNsizwakazi), ngenhloso yokuyihlomisa ngolwazi namakhono angayisiza ukuthi izimele.

Lolu hambo beluhlelwe ngokubambisana noMnyango Wezamahlathi, Izinhlanzi Nezemvelo, obumelwe nguNkz Primrose Lelbubye kanye noNkz Maxcine Kater. Lolu hlelo luhlose ukukhuthaza intsha ukuthi ibheke ezolimo zasemanzini njengelinye lamathuba okudala imisebenzi nokulwa nobubha.

Uhlelo beluholwa nguMnuz Solom Gumede weSolom Foundation, onguchwepheshe emkhakheni wokufuya izinhlanzi. Ube enikeza izihambeli ulwazi olunzulu mayelana nezindlela zokufuya izinhlanzi, ukuphathwa kwamachibi, amathuba emakethe kanye nendlela lo mkhakha ongaba yibhizinisi elinenzuzo.Intsha ebibambe iqhaza iqhamuke ezindaweni okubalwa kuzo iPort Shepstone, Howick, Inanda, Ndwedwe, Umlazi, KwaMashu, Mandeni, Umgababa, KwaMakhutha kanye naseMbumbulu.

UGumede uveze ukuthi lolu hlelo luzoqhubeka ngokuqeqeshwa kwezinsuku ezintathu, lapho abazobamba iqhaza bezofunda kabanzi ngaphambi kokuthi banqume ukuthi bazongena yini ngokugcwele ebhizinisini lokufuya izinhlanzi.”Kumele kusetshenziswe amanzi kukhiqizwe umnotho,” kusho uGumede, enezela ngokuthi ukufuya izinhlanzi kungelinye lamabhizinisi angasiza ekuxosheni indlala nasekudaleni amathuba emisebenzi.

Uphinde wamemezela ukwethulwa okokuqala eNingizimu Afrika kwenhlangano yomhlaba wonke, i-AgrowSAFE, okulindeleke ukuthi isekele futhi ithuthukise osomabhizinisi abasafufusa emkhakheni wezolimo zasemanzini.

Lolu hlelo lubhekwa njengolungavulela intsha yaseKwaZulu-Natal amathuba amasha okuzimela ngokomnotho.

email: Malcolm@onenews.co.za